namakhosi ethu, nezikhulu zethu, nabapristi bethu, nawobaba abagcinanga umthetho wakho , kabalalelanga imiyalo yak ho nezixwayiso zakho obaxwayise ngazo.
Usuyakusho kubo ukuthi : Ngenxa yokuba oyihlo bangishiyile , usho uJehova, balandela aba nye onkulunkulu , babakhonza, bakhuleka kubo , bangishiya, abagcinanga umthetho wami,
Kepha abantwana bangihlubuka , abahambanga ngezimiso zami , abagcinanga izahlulelo zami ukuba bazenze , umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; bawona amasabatha ami ; ngase ngithi ngiyakuthulu la ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo ehlane.
Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda , yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba bawulahlile umthe tho kaJehova, abagcinanga izimiso zakhe , namanga abo abadukisile , abawalandelayo nawoyise.