UZakariya Chapter 7
1
Kwathi ngomnyaka wesine wenkosi uDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya ngolwesine lwenyanga eyisishiyagalolunye, ekaKhisilevi.
2
IBethele lalithume oSareseri noRegemi Meleki namadoda abo ukunxusa kuJehova
3
nokukhuluma kubapristi abasendlini kaJehova Sebawoti nakubaprofethi ngokuthi: Ngikhale ngenyanga yesihlanu , ngizile, njengalokho ngenzile le minyaka eminingi, na?
4
Lase lifika izwi likaJehova Sebawoti kimi, lathi:
5
Khuluma kubo bonke abantu bezwe nakubo abapristi, uthi: Ekuzileni kwenu nasekulileni ngenyanga yesihlanu nangeyesikhombisa le minyaka engamashumi ayisikhombisa nangizilela nokungizilela mina na?
6
Lapho nidlayo nalapho niphuzayo, anizidleli, niziphuzela nina, na?
7
Akusiwo lawa mazwi uJehova awamemezayo ngesandla sabaprofethi bokuqala, lapho iJerusalema lalakhiwe lisabusa, nalapho imizi yalo nxazonke zalo nelaseningizimu nehlanze kwakwakhiwe, na?
8
Izwi likaJehova lafika kuZakariya, lathi:
9
Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo,
10
ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.
11
Kepha bala ukulalela , baphekula ihlombe, benza izindlebe zabo zaba buthuntu ukuba bangezwa.
12
Benza izi nhliziyo zabo zaba yidayimani , funa bezwe umthetho namazwi ayewathume uJehova Sebawoti ngoMoya wakhe ngesandla sabaprofethi bokuqala; ngalokho kwavela intukuthelo enkulu ivela kuJehova Sebawoti.
13
Kwathi njengalokho wamemeza , bona bengezwanga , kanjalo, usho uJehova Sebawoti, bayakumemeza bona, ngingezwa mina.
14
Ngiyakubahlakazela phakathi kwezizwe zonke abangazazanga . Izwe selichithekile emva kwabo , ukuze kungabikho muntu odlulayo nobuyayo , ngokuba benza izwe elihle laba yincithakalo.