UNumeri Chapter 32
1
Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenemfuyo eningi , nalapho belibona iz we laseJazeri nezwe lakwaGileyadi ukuthi leyo ndawo iyindawo yezinkomo,
2
abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni beza bakhuluma kuMose , naku-Eleyazare umpristi, nakuzo izikhulu zenhlangano, bathi:
3
I-Atharoti, neDiboni, neJazeri, neNimra, neHeshiboni, ne-Elehale, neSebamu, neNebo, neBehoni,
4
izwe alinqoba uJehova phambi kwenhlangano ka-Israyeli liyizwe lezinkomo, futhi izinceku zakho zinezinkomo.
5
Bathi futhi : Uma sifumene umusa emehlweni akho , leli zwe malinikwe izinceku zakho libe yifa lazo; ungasiwelisi iJordani.
6
UMose wayesethi kubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaRubeni : Abafowenu bayakuphuma impi, nina nihlale lapha, na?
7
Niqedelani inhliziyo yabantwana bakwa -Israyeli ukuba bangaweli ukuya ezweni uJehova abanike lona na?
8
Benze njalo oyihlo mhl a ngibathuma besuka eKadeshi Barineya ukubona izwe.
9
Ngokuba ekukhuphukeni kwabo ukuya esiGodini sase -Eshikoli balibona izwe, baqeda inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanike lona.
10
Intukuthelo kaJehova yavutha ngalolo suku, wafunga wathi:
11
Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , akayikubona noyedwa izwe engalifungela u -Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo,
12
ngaphandle kukaKalebi i ndodana kaJefune , umKhenizi, noJoshuwa indodana kaNuni, ngokuba bamlandele uJehova ngokupheleleyo.
13
Intukuthelo kaJehova yabavuthela abakwa -Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engamashumi amane , saze saphela sonke leso sizukulwane esasenzile okubi emehlweni kaJehova.
14
Bhekani, senivukile nina esikhundleni sawoyihlo, inzalo yabantu abonayo, ukwandisa futhi intukuthelo kaJehova evuthela u-Israyeli.
15
Ngokuba uma nibuyela emuva ekumlandeleni, uyakubuye abashiye ehlane, nize nibhubhise laba bantu.
16
Basondela kuye , bathi: Siyakwakhela lapha izinkomo zethu izibaya nabancane bethu imizi;
17
kepha thina uqobo lwethu siyakushesha sihlome , sihambe phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, size sibafinyelelise endaweni yabo , abancane bethu bahlale emizini ebiyelweyo ngenxa yabakhileyo ezweni.
18
Asiyikubuyela ezindlini zethu , abantwana bakwa -Israyeli bengakalidli ifa labo, kube yilowo nalowo wabo.
19
Ngokuba asiyikulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani nangaphambili , lokhu silidlile elethu nganeno kweJordani ngasempumalanga.
20
UMose wayesethi kubo : Uma nenza lokhu , uma nihloma ukuba nihambe phambi kukaJehova, niphume impi,
21
kuwele iJordani onke amadoda enu ahlomileyo phambi kukaJehova , aze axoshe izitha zakhe phambi kwakhe,
22
izwe linqotshwe phambi kukaJehova , khona ngasemuva niyakubuya, nibe ngabangenacala kuJehova naku -Israyeli, leli zwe libe yifa lenu phambi kukaJehova.
23
Kepha uma ningenzi njalo , bhekani, nonile kuJehova; yazini ukuthi isono senu siyakunifumana.
24
Zakheleni imizi yabancane benu nezibaya zezimvu zenu , nikwenze lokho okuphumileyo emlonyeni wenu.
25
Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bakhuluma kuMose , bathi: Izinceku zakho ziyakwenza njengalokhu inkosi yami iyala.
26
Abancane bethu, nawomkethu, nezimvu zethu, nazo zonke izinkomo zethu kuyakuba lapho emizini yakwaGileyadi,
27
kepha izinceku zakho ziyakuwela , kube yilowo nalowo ohlomele ukulwa , phambi kukaJehova, ziphume impi, njengalokhu isho inkosi yami.
28
UMose wayeseyala u -Eleyazare umpristi , noJoshuwa indodana kaNuni , nezinhloko zezindlu zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli ngabo.
29
UMose wathi kubo: Uma abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke abahlomele ukulwa , phambi kukaJehova, izwe linqotshwe phambi kwenu, niyakubanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo;
30
kepha uma bengaweli nani behlomile , bayakunikwa ifa phakathi kwenu ezweni laseKhanani.
31
Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni baphendula bathi : Njengalokho uJehova eshilo kuzo izinceku zakho, siyakwenze njalo.
32
Siyakuwela, siye ezweni laseKhanani phambi k ukaJehova sihlomile , izwe lefa lethu lisale nokho ngaphesheya kweJordani.
33
UMose wayesebanika abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase indodana kaJosefa umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka -Ogi inkosi yaseBashani , izwe nemizi yalo namaphethelo ayo, imizi yezwe nxazonke.
34
Abantwana bakwaGadi bakha iDiboni, ne-Athoriti, ne-Aroweri,
35
ne-Athiroti Shofanu, neJazeri, neJogibeha,
36
neBeti Nimra, neBeti Harana, imizi ebiyelweyo nezibaya zezimvu.
37
Abantwana bakwaRubeni bab uye bakha iHeshiboni , ne-Elehale, neKiriyatayimi,
38
neNebo, neBali Mehoni iphendulwe ngamagama neSibima ; banika imizi abayakhayo amanye amagama.
39
Abantwana bakwaMakiri indodana kaManase baya kwaGileyadi , balithatha, baxosha ama-Amori ayekulo.
40
UMose wanika uMakiri indodana kaManase elakwaGileyadi, wahlala kulo.
41
UJayire indodana kaManase wahamba wathatha imizana yalo , wayibiza ngokuthi iHawoti Jayire.
42
UNoba wahamba wathatha iKhenati nemizana yalo , walibiza ngokuthi iNoba ngegama lakhe.