Skip to Content

UMika Chapter 4

1 Kepha kuyakuthi ngezinsuku ezizay o intaba yendlu kaJehov a iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nabantu bayakugobhozela khona. 2 Izizwe eziningi ziyakuhamba , zithi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni , nezwi likaJehova eJerusalema. 3 Uyakwahlulela phakathi kwezizwe eziningi , anqume phakathi kwezi zwe ezinamandla ezikude ; ziyakukhanda iz inkemba zazo zibe ngamakhuba , imikhonto yazo ibe ngocelemba ; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba , zingabe zisafuna ukulwa. 4 Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakh e naphansi komkhiwane wakhe ; akakho oyakubesabisa , ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile. 5 Ngokuba bonke abantu bahamba , kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe , kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade. 6 Ngalolo suku , usho uJehova , ngiyakubutha abaqhugayo , ngiqoqe abaxoshiweyo nengenze okubi kubo, 7 ngenze abaqhugayo babe yinsali , abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla; uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyoni kusukela manje kuze kube phakade. 8 Wena mbhoshongo womhlambi , negquma lendodakazi yaseSiyoni kuyakufika kuwe, yebo, ukubusa kokuqala kuyakufika, umbuso wendodakazi yaseJerusalema. 9 Umemezelani manje ngokumemeza okungakho na ? Ayikho inkosi kuwe , ubhubhile umluleki wakho, lokhu ubanjwe yimihelo njengobelethayo. 10 Yiba nemihelo , uzale, ndodakazi yase Siyoni njengobelethayo , ngokuba manje uyakuphuma emzini , uhlale endle , ufike naseBabele , lapho uzakophulwa khona; lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho. 11 Manje izizwe eziningi zikubuthanele ; zithi: Malingcoliswe, amehlo ethu alibuke iSiyoni. 12 Kepha azazi imicabango kaJehova , aziqondi amasu akhe , ngokuba uzibuthile njengezithungu esibuyeni. 13 Suka ubhule , ndodakazi yaseSiyoni , ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi , nezinselo zakho ngizenze insimbi ; uyakuchoboza abantu abaningi, kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo, nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.