Skip to Content

UMalaki Chapter 3

1 Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami ; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunay o iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo ; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso , bheka, siyeza, usho uJehova Sebawoti. 2 Ngubani ongathwala usuku lokufika kwaso ? Ngubani oyakuma ekubonakaleni kwaso na ? Ngokuba sinjengomlilo wocwengisisayo nensipho yomhlanzi. 3 Siyakuhlala sicwengisisa sihlanza isiliva , sihlambulule amadodana kaLevi , siwahluze njengegolide nesiliva , aze anikele ngeminikelo kuJehova ngokulunga. 4 Isiyakuba mihle kuJehova iminikelo yakwaJuda neyeJerusalema njengasezinsukwini zasendulo naseminyakeni yakuqala. 5 Ngiyakusondela kini ukwahlulela , ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi , nangeziphingi, nangabafunga amanga , nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo , nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi , bengangesabi mina, usho uJehova Sebawoti. 6 Ngokuba mina Jehova angiguquki ; ngalokho nina madodana kaJakobe aniqedwa. 7 Kusukela emihleni yawoyihlo nichezukile ezimisweni zami , anizigcinanga. Buyelani kimi , ngiyakubuyela kini , usho uJehova Sebawoti . Nokho nithi : Siyakubuyela kanjani? 8 Umuntu angaphanga uNkulunkulu na ? Nokho niyangiphanga . Bese nithi : Sikuphange kanjani na? Ngokweshumi nangeminikelo. 9 Niqalekisiwe ngesiqalekiso, nokho niyangiphanga, sizwe sonke. 10 Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu , usho uJehova Sebawoti , uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini , nginithululele isibusiso kunokwaneleyo. 11 Ngenxa yenu ngiyakukhuza okudlayo , kungachithi izithelo zomhlabathi wenu, nemivini yenu ayiyikuphutha endle, usho uJehova Sebawoti. 12 Zonke izizwe ziyakuthi nibusiswe, ngokuba niyakuba yizwe elithokozisayo, usho uJehova Sebawoti. Ukunqoba kolungileyo 13 Amazwi enu ayelukhuni kimi , usho uJehova . Nokho nithi : S ikhulumeni ngawe na? 14 Nithi: Kuyize ukukhonza uNkulunkulu ; kuyinzuzoni ukuthi sigcinile imfanelo yakhe nokuthi sihambe ngokukhedamisa phambi kukaJehova Sebawoti na? 15 Kepha manje siyakuthi babusisiwe abaziqhenyayo ; yebo, abenza okubi bayakhiwa; noma bemlinga uNkulunkulu, bayakhululwa. 16 Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye ; uJehova waqaphela , wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe. 17 Bayakuba ngabami, usho uJehova Sebawoti , babe yimfuyo yami ngosuku engiyakulwenza, ngibahawukele, njengalokhu umuntu ehawukela indodana yakhe emkhonzayo. 18 Bese nibuya , nahlukanise abalungileyo nababi , abamkhonza uNkulunkulu nabangamkhonziyo.