ULevitikusi Chapter 6
1
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2
Uma umuntu ona , enze isiphambeko kuJehova , akhohlise umakhelwane wakhe ngento ebekiweyo , noma isibambiso noma into ephangiweyo , noma ecindezela umakhelwane wakhe,
3
noma, lapho ethola into elahlekileyo , eyiphika, afunge amanga , noma yikuphi kukho konke lokhu umuntu akwenzayo one ngakho,
4
khona kuyakuthi , uma onile aze abe necala , uyakukubuyisa lokho okuphangiweyo, noma lokho akudlileyo , noma lokho okwakubekwe kuye , noma lokho okwakulahlekile akutholayo,
5
noma yi kuphi afungile amanga ngakho ; makakubuyise, athasisele okwesihlanu kukho, amnike lowo okungokwakhe ngosuku lomnikelo wakhe wecala.
6
Woletha umnikelo wakhe wecala kuJehova , inqama engenasici yasemhlambini ngokulinganisa kwakho , ibe ngumnikelo wecala , iyiswe kumpristi,
7
umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, aze athethelelwe konke angahle abe ekwenzile anecala ngakho.
8
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
9
Yala u -Aroni namadodana akhe , uthi: Nanku umthetho weminikelo yokushiswa: umnikelo wokushiswa uyakuhlala eziko le-altare ubusuku bonke kuze kuse, umlilo we-altare uhlale kulo uvutha njalo.
10
Umpristi uyakwembatha isambatho selineni , afake nebhulukwe lakhe lelineni emzimbeni wakhe , asuse umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-altare, awuthele ngaseceleni kwe-altare.
11
Abesekhumula izambatho zakhe , embathe ezinye izambatho , akhiphele umlotha ngaphandle kwekamu endaweni ehlambulukileyo.
12
Umlilo ophezu kwe-altare uyakuhlala kulo uvutha njalo, ungacimi; umpristi uyakubasa izinkuni kulo ekuseni njalo , ahlele kulo umnikelo wokushiswa , ashise kulo amanoni eminikelo yokuthula.
13
Umlilo wohlala e-altare uvutha njalo, ungacimi.
14
Nanku umthetho weminikelo yempuphu : amadodana ka -Aroni ayakunikela ngawo phambi kukaJehova ngaphambi kwe-altare.
15
Makucashunwe kuwo ngokhweshe impuphu ecolekileyo yomnikelo wempuphu namafutha awo , nayo yonke inhlaka ephezu komnikelo wempuphu, akushise e -altare kube yisikhumbuzo sawo , kube yiphunga elimnandi kuJehova.
16
Okuseleyo kuwo kuyakudliwa ngu -Aroni namadodana akhe , kudliwe ngaphandle kwemvubelo endaweni engcwele , bakudlele egcekeni letende lokuhlangana.
17
Akuyikuphekwa ngemvubelo . Ngikunike kube yisabelo sabo seminikelo yami yomlilo ; kungcwelengcwele njengomnikelo wesono nanjengomnikelo wecala.
18
Bonke abesilisa phakathi k wabantwana baka -Aroni bayakukudla kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu seminikelo yomlilo kaJehova ; konke okukuthintayo kuyakuba ngcwele.
19
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
20
Nanku umnikelo ka -Aroni nowamadodana akhe abayakunikela ngawo kuJehova mhla begcotshwa: okweshumi kwe-efa lempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu njalonjalo , inxenye yakho ekuseni nenxenye yakho kusihlwa.
21
Uyakwenziwa emqengeleni ngamafutha ; usuxutshanisiwe wowungenisa , unikele ngomnikelo wempuphu , ube yizingcezu ezihl eshuliweyo, zibe yiphunga elimnandi kuJehova.
22
Umpristi ogcotshiweyo esikhundleni sakhe phakathi kwamadodana akhe wonikela ngawo, kube yisimiso esiphakade; woshiswa wonke.
23
Yonke iminikelo yempuphu yompristi yoshiswa yonke, ingadliwa.
24
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
25
Yisho ku -Aroni nakumadodana akhe , uthi: Nanku umthetho weminikelo yesono; endaweni ohlatshelwe kuyo umnikelo wokushiswa , mawuhlatshelwe khona umnikelo wesono phambi kukaJehova; ungcwelengcwele.
26
Umpristi onikela ngawo ngesono wowudla , udliwe endaweni engcwele egcekeni letende lokuhlangana.
27
Konke okuyakuthinta inyama yawo kuyakuba ngcwele; nxa ingubo ifafazwa ngegazi lawo, lapho kufafazwe khona uyakukugeza endaweni engcwele.
28
Kepha isitsha sebumba okuphekelwe kuso masaphulwe , kodwa uma kuphekelwa esitsheni sethusi, siyakuphucuzwa, sihashazwe ngamanzi.
29
Bonke abesilisa phakathi kwabapristi bayakuwudla; ungcwelengcwele.
30
Kepha makungadliwa mnikelo wesono okwangeniswa igazi lawo etendeni lokuhlangana ukuba kwenziwe ukubuyisana endaweni engcwele; woshiswa ngomlilo.