Skip to Content

ULevitikusi Chapter 20

1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 Futhi uyakusho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli, noma owabafokazi abagogobeleyo kwa -Israyeli, onikela ngenzalo yakhe kuMoloki, wobulawa nokubulawa, abantu balelo zwe bamkhande ngamatshe. 3 Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu , ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba unikela ngenzalo yakhe kuMoloki ukungcolisa indlu yami engcwele nokuhlambalaza igama lami elingcwele. 4 Uma abantu balelo zwe besitheza kancane amehlo abo kulowo muntu, lapho enikela ngenzalo yakhe kuMoloki, bangambulali, 5 ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu nomndeni wakhe , ngimnqume kubantu bakubo kanye nabo bonke abaya kuye ukuphinga , beyophinga noMoloki. 6 Nalowo muntu ophendukela kwabanamadlozi nakubathakathi ukuya kubo ukuba aphinge , ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu , ngimnqume kubantu bakubo. 7 Ngalokho zingcweliseni nibe ngcwele, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu. 8 Anogcina izimiso zami, nizenze; nginguJehova oningcwelisayo. 9 Ngokuba yilowo nalowo othuka uyise noma unina wobulawa nokubulawa ; uthukile uyise noma unina; igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe. 10 Umuntu ophinga nomfazi womunye umuntu nophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi ziyakubulawa nokubulawa. 11 Umuntu olala nomkayise wambulile ubunqunu bukayise ; bobabili bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo. 12 Uma umuntu elala nomalokazana wakhe , bobabili bobulawa nokubulawa; benzile ichilo; igazi labo malibe phezu kwabo. 13 Uma indoda ilala nowesilisa njenganowesifazane , bobabili benzile isinengiso; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo. 14 Uma umuntu ethatha umfazi kanye nonina , kungukonakala; bayakushiswa ngomlilo yena nabo, ukuze kungabikho konakala phakathi kwenu. 15 Uma umuntu elala nesilwane, wobulawa nokubulawa, nisihlabe isilwane. 16 Uma owesifazane esondela esilwaneni , alale n aso, wobulala owesifazane nesilwane; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo. 17 Uma umuntu ethatha udadewabo , indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bakhe , naye abone ubunqunu bakhe , kuyihlazo; bayakunqunywa phambi kwabantwana b abantu bakubo ; wambulile ubunqunu bukadadewabo; uyakuthwala ububi bakhe. 18 Uma umuntu elala nowesifazane onefindo lakhe, ambule ubunqunu bakhe, unqunisile umthombo wakhe , naye wambulile umthombo wegazi lakhe ; bobabili bayakunqunywa kubantu bakubo. 19 Ungambuli ubunqunu bukadadewabo kanyoko , noma obukadadewabo kayihlo, ngokuba unqunisile isihlobo sakhe; bayakuthwala ububi babo. 20 Uma umuntu elala nomkayisekazi , wambulile ubunqunu bukayisekazi ; bayakuthwala isono sabo; bayakufa beyizimpulule. 21 Uma umuntu ethatha umkamfowabo, kungukungcola; wambulile ubunqunu bomfowabo; bayakuba yizimpulule. 22 Ngalokho anogcina zonke izimiso zami , nazo zonke izahlulelo zami , nizenze ukuba izwe lapho nginiyisa khona ukuba nihlale kulo linganihlanzi. 23 Aniyikuhamba ngamasiko esizwe engisixosha phambi kwenu , ngokuba benza zonke lezo zinto; ngalokho nganengwa yibo. 24 Kepha ngishilo kini ukuthi : Niyakulidla ifa lezwe labo , ngininike lona libe ngelenu, izwe elichichima ubisi nezinyosi , nginguJehova onahlukanisile nabezizwe. 25 Ngalokho anohlukanisa izilwane ezihlambulukileyo nezingcolileyo , izinyoni ezingcolileyo nezihlambulukileyo , ningenzi imiphefumulo yenu inengeke ngesilwane noma ngenyoni noma ngantoni enwabuzelayo emhlabeni, engizahlukanisile nani, ngathi zingcolile. 26 Niyakuba ngcwele kimi , ngokuba mina Jehova ngingcwele ; nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami. 27 Owesilisa noma owesifazane , elikubo idlozi, noma umthakathi bobulawa nokubulawa, bakhandwe ngamatshe, igazi labo libe phezu kwabo.