Skip to Content

ULevitikusi Chapter 2

1 Nxa umuntu enikela ngomnikelo wempuphu kuJehova , umnikelo woba yimpuphu ecolekileyo, athele amafutha kuwo, abeke inhlaka kuwo, 2 awulethe kumadodana ka -Aroni, abapristi, acaphune kuwo ngokhweshe wempuphu ecolekileyo yawo nowamafutha awo, kanye nayo yonke inhlaka yawo, umpristi awushise ube yisikhumbuzo sawo e-altare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova; 3 okuseleyo komnikelo wempuphu kuyakuba ngokuka -Aroni nokwamadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaJehova. 4 Nxa uletha umnikelo wempuphu ephekwe eziko, woba ngamaqebelengwane angenamvubelo empuphu ecolekileyo exovwe namafutha , noma imiqathane engenamvubelo, egcotshwe ngamafutha. 5 Uma umnikelo wakho ungumnikelo wempuphu ephekwe ngomqengele , woba ngowempuphu ecolekileyo engenamvubelo, exovwe ngamafutha. 6 Uwuhlephule izingcezu, uthele amafutha kuzo; kungumnikelo wempuphu. 7 Uma umnikelo wakho ungumnikelo wempuphu ephekwe ngokhamba , uyakwenziwa ngempuphu ecolekileyo kanye namafutha. 8 Woletha kuJehova u mnikelo wempuphu owenziwe ngalezo zinto , unikelwe kumpristi, yena awuyise e-altare. 9 Umpristi makathabathe okuyisikhumbuzo kuwo umnikelo wempuphu , akushise e -altare kube ngumnikelo womlilo , kube yiphunga elimnandi kuJehova. 10 Okuseleyo komnikelo wempuphu k uyakuba ngokuka -Aroni nokwamadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaJehova. 11 Awuyikwenziwa ngemvubelo umnikelo wempuphu eninikela ngawo kuJehova, ngokuba aniyikushisa imvubelo nazinyosi kube ngumnikelo womlilo kuJehova. 12 Anonikela ngakho kube ngumnikelo wolibo ; kungenyukeli e-altare nokho, kube yiphunga elimnandi. 13 Yonke iminikelo yakho yempuphu iyoliswe ngosawoti ; ungavumeli ukuba usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho asilale emnikelweni wakho wempuphu; wonikela ngayo yonke iminikelo yakho inosawoti. 14 Uma unikela ngomnikelo wempuphu wolibo kuJehova , wonikela ngezikhwebu zamabele ezosiwe ngomlilo , amabele agquliweyo ezikhwebu ezintsha, ube ngumnikelo wempuphu wolibo lwakho, 15 uthele amafutha kuwo , ubeke inhlaka phezu kwawo ; kungumnikelo wempuphu. 16 Umpristi ashise okuyisikhumbuzo sawo, inxenye yamabele agquliweyo awo nenxenye yamafutha awo kanye nayo yonke inhlaka yawo ; kungumnikelo womlilo kuJehova.