UJoshuwa Chapter 5
1
Kwathi onke amakhosi ama -Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani ayengaselwandle esezwa ukuthi uJehova womise amanzi aseJordani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli saze sawela , izinhliziyo zabo zaphela amandla , kungabe kusaba khona sibindi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.
2
Ngaleso sikhathi uJehova wathi kuJoshuwa : Zenzele omese bensengetsha , ubuye usoke abantwana bakwa-Israyeli ngokwesibili.
3
UJoshuwa wazenzela omese bensengetsha , wabasika aban twana bakwa - Israyeli eDulini Lamajwabu.
4
Nasi isizathu uJoshuwa abasoka ngaso : bonke abantu abaphuma eGibithe ababengabesilisa, onke amadoda empi , bafa ehlane ngasendleleni , sebephumile eGibithe.
5
Ngokuba bonke abantu abaphuma babesokiwe , kepha bonke abant u abazalwa ehlane ngasendleleni ekuphumeni kwabo eGibithe babengabasokanga.
6
Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane , saze saphela isizwe sonke , yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova , afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona , izwe elivame ubisi nezinyosi.
7
Abantwana bawo abavusa esikhundleni sawo bona uJoshuwa wabasoka , ngokuba babengabangasokile, lokhu bengabasokanga endleleni.
8
Kwathi sebeqedile ukusoka abantu bonke , bahlala ezindaweni zabo ekamu , baze baphola.
9
UJehova wayesethi kuJoshuwa : Namuhla ngilethulile kini ihlazo laseGibithe. Ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iGiligali kuze kube namuhla. Iphasika laseKhanani
10
Abantwana ba kwa-Israyeli bamisa eGiligali , bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga ngakusihlwa emathafeni aseJeriko.
11
Badla ezithelweni zezwe ngolwangakusasa emva kwephasika , amaqebelengwane angenamvubelo notshwele ngalona lolo suku.
12
Imana lanqamuka ngang omuso, nxa sebedla ezithelweni zezwe ; abakwa- Israyeli ababe besaba nemana futhi, kepha base bedla ezithelweni zezwe laseKhanani ngalowo mnyaka. Isikhulu sebandla lasezulwini
13
Kwathi uJoshuwa esengaseJeriko , waphakamisa amehlo akhe , wabona, bheka, nanso i ndoda malungana naye enenkemba yayo ihoshiwe esandleni sayo; uJoshuwa waya kuyo, wathi kuyo: Uvuna thina noma izitha zethu na?
14
Yathi: Qha, ngifikile njengesikhulu sebandla likaJehova . UJoshuwa wayesewa ngobuso emhlabathini, wakhuleka, wathi kuyo: Ithini inkosi yami encekwini yayo na?
15
Isikhulu sebandla likaJehova sathi kuJoshuwa : Khumula isicathulo sakho onyaweni lwakho , ngokuba indawo omi kuyo ingcwele . UJoshuwa wenze njalo-ke.