UJobe Chapter 17
1
Umoya wami usuchithekile , imihla yami iyacimeka ; okwami sekuyithuna nje.
2
Impela kukhona abangiklolodelayo, iso lami lisekucunuleni kwabo.
3
Ake unginike isibambiso, ungimele; ngubani oyakuxhawulana nami na?
4
Ngokuba uvalile izinhliziyo zabo zingaqondi ; ngalokho awuyikubaphakamisa.
5
Ochaka abangane bakhe ngenxa yesabelo , amehlo abantwana bakhe ayakufiphala.
6
Ungibeke isaga sabantu, ngibe ngokhafulelwa ebusweni.
7
Iso lami lifiphele ngosizi; onke amalungu ami anjengethunzi.
8
Abaqotho bayethuswa yilokho; ongenacala uyavukela ongenaNkulunkulu.
9
Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe ; onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.
10
Nokho buyani nonke phela , nize; kodwa angiyikuthola phakathi kwenu ohlakaniphileyo.
11
Imihla yami isidlulile , amasu ami anqunyiw e kanye nemicabango yami yenhliziyo.
12
Ubusuku babenza imini, bathi: Ukukhanya kuseduze nobumnyama.
13
Uma ngithemba ukuthi indawo yabafileyo iyindlu yami , ngendlalele ukhukho lwami ebumnyameni,
14
ngibize ukubola ngokuthi ubab a nezimpethu ngokuthi umame nodadewethu,
15
liphi, pho, ithemba lami na? Yebo, ithemba lami, ngubani oyakulibona na?
16
Liyakwehlela emigoqweni yendawo yabafileyo , lapho kuyakuba khona ukuphumula othulini kanyekanye.