Skip to Content

UJeremiya Chapter 15

1 Wayesethi uJehova kimi: Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume. 2 Kuyakuthi lapho bethi k uwe: Siyakuphuma siyephi na ? usho kubo ukuthi : Usho kanje uJehova , uthi: Abokufa, mabaye ekufeni , nabenkemba, enkembeni, nabendlala, endlaleni, nabokuthunjwa, ekuthunjweni. 3 Ngiyakubamisela izinhlobo ezine , usho uJehova : inkemba yokubulala , nezinja zokud onsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha. 4 Ngiyakubenza ukuba bahlupheke emibusweni yonke yomhlaba ngenxa kaManase indodana kaHezekiya , inkosi yakwaJuda , ngalokho akwenza eJerusalema. 5 Ngokuba ngubani oyakukuhawukel a wena Jerusalema na? Ngubani oyakukukhalela? Ngubani oyakuphambukela ukubuza ngempilo yakho na? 6 Wena ungishiyile, usho uJehova, wabuyela emuva; ngiselulele isandla sami kuwe, ngakuchitha; sengikhathele ukuhawukela. 7 Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe, ngabaphuca abantwana, ngachitha abantu bami; ababuyanga ezindleleni zabo. 8 Abafelokazi babo bandile kim i kunesihlabathi solwandle, ngehlisele phezu kwawonina bezinsizwa umchithi emini, ngehlisele ukwesaba nengebhe phezu kwabo. 9 Owazala abayisikhombisa usedangele , waphuma u moya; ilanga lakhe lishonile kuse semini ; ujabhile, wayangaza; insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni ngaphambi kwezitha zabo, usho uJehova. Ukukhala kukaJeremiya 10 Maye kimina , mame, ukuthi ungizalile , ngibe ngumuntu wokuphikisan a nokuxabana emhlabeni wonke! Angibizanga inzalo, futhi akubizwanga inzalo kimi, nokho bayangiqalekisa bonke. 11 Wathi uJehova: Ngiyakukukhulula kube kuhle; impela ngiyakwenza ukuba isitha sikunxuse ngesikhathi esibi nangesikhathi sokuhlupheka. 12 Umuntu angaphula insimbi yini, insimbi yasenyakatho, nethusi, na? 13 Ngiyakunikela imfuyo yakh o nengcebo yakho kube yimpango kungengantengo, ngazo zonke izono zakho emikhawulweni yakho yonke. 14 Ngiyakwenza ukuba uzikhonze izitha zakh o ezweni ongalaziyo, ngokuba kuphenjiwe umlilo olakeni lwami oyakuvutha kini. 15 Uyazi wena Jehova ; ngikhumbule, ngihambele, ungiphindisele kwabangizingelayo; ungangisusi ngokubekezela kwakho ; yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo. 16 Amazwi akho afunyanwa , ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kim i nokuthokoza kwenhliziyo yami , ngokuba ngibizwa ngegama lakho , Jehova Nkulunkulu Sebawoti. 17 Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo , angithokozanga; ngahlala ngedwa ngenxa yesandla sakho, ngokuba ungigcwalisile ngokufutheka. 18 Yini ukuba ubuhlungu bam i bube khona n jalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na? 19 Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Uma ubuya , ngiyakukubuyisa, ume phambi kwami ; uma ukhipha okuyigugu kokungamanyala , uyakuba ngumlomo wami ; laba bayakubuyela kuwe , kepha wena awuyikubuyela kubo. 20 Ngiyakukwenza ukuba ube lugang e lwethusi oluqinileyo kulaba bantu ; bayakulwa nawe , kepha abayikukwahlula , ngokuba mina nginawe ukukusindisa nokukophula, usho uJehova. 21 Ngiyakukophula esandleni sababi, ngikuhlenge esandleni sabacindezeli.