UHoseya Chapter 3
1
UJehova wathi kimi : Hamba futhi , umthande owesifazane othandwa ngumngane wakhe, eyisiphingikazi, njengalokhu uJehova ethanda abantwana bakwa-Israyeli, noma bephendukela kwabanye onkulunkulu , bethanda izigaxa zezithelo zomvini ezomileyo.
2
Ngase ngizithengela yena ngezinhlamvu eziyishumi nanhlanu zesiliva , nangehomere lebhali, nangenxenye yehomere lebhali,
3
ngathi kuye : Uyakuhlala kimi izinsuku ezin ingi, ungafebi, ungabi ngowomunye, nami ngibe njalo kuwe.
4
Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwa -Israyeli bayakuhlala bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.
5
Ngasemuva abantwana bakwa -Israyeli bayakubuya , bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo , babuyele kuJehova benovalo nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.