Skip to Content

UHoseya Chapter 1

1 Izwi likaJehova elafika kuHoseya indodana kaBeri ezinsukwini zawo -Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda , nasezinsukwini zikaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli. 2 Lapho uJehova eqala ukukhuluma ngoHoseya , uJehova wat hi kuHoseya : Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bophingayo, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uJehova. 3 Wayesehamba, wathatha uGomere indodakazi kaDibilayimi ; wakhulelwa, wamzalela indodana. 4 UJehova wathi kuye : Qamba igama la yo ngokuthi uJizreyeli , ngokuba kusezakuba yisikhashana ngize ngiphindisele igazi likaJizreyeli phezu kwendlu kaJehu, ngiqede umbuso wendlu ka-Israyeli. 5 Kuyakuthi ngalolo suku ngaphule umnsalo ka-Israyeli esigodini saseJizreyeli. 6 Wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. Wayesethi uJehova kuye : Qamba igama layo ngokuthi uLo Ruhama , ngokuba angisayikuyihawukela indlu yakwa-Israyeli ukuba ngibathethelele. 7 Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyihawukela, ngibasindise ngoJehova uNkulunkulu wabo, ngingabasindisi ngomnsalo, nangenkemba, nangokulwa, nangamahhashi, nangabamahhashi. 8 Esemlumulile uLo Ruhama, wakhulelwa, wazala indodana. 9 Wayesethi uJehova: Qamba igama layo ngokuthi uLo-Ami, ngokuba anisibo abantu bami, mina angiyikuba nguNkulunkulu wenu. 10 Nokho umumo wabant wana bakwa -Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa , singenakubalwa; kuyakuthi esikhundleni sokuba kuthiwe kubo : Anisibo abantu bami , kuthiwe kubo: Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo. 11 Abantwana bakwaJuda nabantwana bakwa -Israyeli bayakubuthana ndawonye, bazimisele inhloko ibe nye , bakhuphuke ezweni , ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.