Skip to Content

UHezekeli Chapter 38

1 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2 Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuGogi, izwe likaMagogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali, uprofethe ngaye, 3 uthi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe Gogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali; 4 ngiyakukuguqula, ngifake izingwegwe emihlathini yakho , ngikukhiphe kanye nayo yonke impi yakho , amahhashi nabamahhashi, bonke bembethe kahle kakhulu , iviyo elikhulu elinamahawu nezihlangu , bonke bephethe izinkemba, 5 iPheresiya, neKushe, noPhuthi kukanye nabo, bonke benezihlangu nezigqoko zensimbi, 6 iGomere nawo onke amaviyo alo , indlu kaThogarma ngasekugcineni kwasenyakatho nawo onke amaviyo akhe, abantu abaningi kanye nawe. 7 Lungela, yebo, uzilungisele, wena nawo onke amaviyo akho abuthene kuwe, ube ngumgcini wawo. 8 Emva kwezinsuku eziningi uyakubuthwa ; ngeminyaka yokugcina uyakungena ezweni elibuyiswe enkembeni , liqoqwe ezizweni eziningi , ezintabeni zakwa -Israyeli ezaziyincithakalo njalo , eselikhishiwe kubantu , bahlale belondekile bonke. 9 Uyakukhuphuka, ufike njengesivunguvungu, usibekele izwe njengefu , wena nawo onke amaviyo akho, nabantu abaningi kanye nawe. 10 Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Kuyakuthi ngalolo suku kuvele izinto enhliziyweni yakho, ucebe amacebo amabi. 11 Uyakuthi: Ngiyakwenyukela ezweni elisobala, ngiye kwabazinzileyo abahlala belondekile , bonke abahlala bengenalugange , kungekho kubo imigoqo nezicabha, 12 ukuze uphange impango , ubamuke impahla , bese wuphendulela isandla sakho ezindaweni ezichithekileyo esezakhiwe nakubantu asebebuthiwe ezizweni, bezuza imfuyo nempahla, behlala enkabeni yezwe. 13 ISheba, neDedani, nabathengi baseTharishishi kanye nazo z onke izingonyama zakho kuyakusho kuwe, kuthi: Ufikele ukuphanga na? Ubuthile iviyo lakho ukuba wamuke impahla , ususe isiliva negolide , uthathe imfuyo nempahla, uphange impango enkulu, na? 14 Ngalokho profetha , ndodana yomuntu , uthi kuGogi : Isho kanje iNko si uJehova, ithi: Ngalolo suku , lapho abantu bami u -Israyeli behlala belondekile, angithi uyakukwazi na? 15 Uyakuvela endaweni yakho ekugcineni kwasenyakatho , wena nabantu abaningi kanye nawe , bonke bekhwele amahhashi , iviyo elikhulu nempi enamandla, 16 ukhuphukele ukulwa nabantu bami u -Israyeli njengefu lokusibekela izwe ; kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami ukuze izizwe zingazi, lapho ngizingcwelisa ngawe Gogi emehlweni azo. 17 Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Wena unguye engakhuluma ngaye ngezinsuku zamandulo ngezandla zezinceku zami abaprofethi bakwa -Israyeli ababeprofetha ngalezo zinsuku iminyaka eminingi ukuthi ngiyakukuyisa kubo na? 18 Kuyakuthi ngalolo suku lapho uGogi efika ezweni lakwa -Israyeli, isho iNkosi uJehova, ukufutheka kwami kukhuphukele emakhaleni ami. 19 Ngomhawu wami nangomlilo wolaka lwami ngikhulumile , ngathi: Impela ngalolo suku kuyakuba ngukuthuthumela okukhulu ezweni lakwa-Israyeli 20 ukuba kuthuthumele phambi kwami izinhlanzi zolwandle , nezinyoni zezulu, nezilwane zasend le, nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabo bonke abantu abasebusweni bomhlaba , izintaba zidilizelwe phansi, amawa awe, nezingange zonke ziwele phansi. 21 Ngiyakumbizela inkemba kuzo zonke izintaba zami , isho iNkosi uJehova , inkemba yalowo nalowo imelane nomfowabo. 22 Ngiyakumahlulela ngesifo nangegazi , nginise phezu kwakhe , namaviyo akhe, nabantu abaningi abanaye , imvula ekhukhulayo, namatshe esichotho, nomlilo, nesibabule. 23 Ngiyakuzenza mkhulu , ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.