Skip to Content

UHezekeli Chapter 22

1 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2 Wena ndodana yomuntu uyakuwahlulela, uyakuwahlulela umuzi wegazi na? Uyakuwazisa-ke zonke izinengiso zawo, 3 uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Wena muzi ochitha igazi phakathi kwakho, ukuze isikhathi sakho sifike , nowenza izithombe kuwe ukuzingcolisa, 4 ngegazi olichithileyo un ecala, nangezithombe zakho ozenzileyo ungcolile ; usondezile izinsuku zakho , ufikile eminyakeni yakho ; ngalokho ngikwenzile ihlazo ezizweni nenhlekiso emazweni onke. 5 Abaseduze nabakude nawe bayakukuhleka wena onegama elingcolileyo, ogcwele isiphithiphithi. 6 Bheka, izikhulu zakwa -Israyeli, kwaba yileso naleso njengamandla aso , zaziphakathi kwakho ukuchitha igazi. 7 Bathukile kuwe uyise nonina, bacindezela abezizwe phakathi kwakho, bona phakathi kwakho izintandane nabafelokazi. 8 Okungcwele kwami ukudelele, wawona amasabatha ami. 9 Abantu abahlebayo babekuwe ukuchitha igazi , badla kuwe ezintabeni , benza ubufebe phakathi kwakho. 10 Bahlubulile kuwe ubunqunu bukayise , bamona yena owayahlukene ekungcoleni kwakhe. 11 Omunye wenzile isinengiso nomkamakhelwane wakhe; omunye ungcolisile ngobufebe umalokazana wakhe ; omunye wonile phakathi kwakho udadewabo, indodakazi kayise. 12 Bamukele imivuzo phakathi kwakho ukuba bachithe igazi ; wena uthathe inzalo nenzuzo , waphanga abakhelwane bakho ngokubacindezela , wangikhohlwa mina, isho iNkosi uJehova. 13 Bheka, ngishayile isandla sami ngokuphanga kwakho okwenzileyo nangenxa yegazi lakho elaliphakathi kwakho. 14 Inhliziyo yakho iyakuma yini , izandla zakho ziqine ezinsukwini engiyakuphathana nawe ngazo , na? Mina Jehova ngikukhulu mile, ngiyakukwenza. 15 Ngiyakukuhlakazela ezizweni , ngikusabalalisele emazweni , ngiqede ukungcola kwakho kuwe. 16 Uyakungcoliswa phakathi kwakho emehlweni ezizwe ; uyakwazi ukuthi nginguJehova. 17 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 18 Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isingamanyela kimi ; bonke babo bayithusi nethini nensimbi nomthofu phakathi kwesithando ; bangamanyela esiliva. 19 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenxa yokuba seningamanyela nonke, ngalokho bhekani, ngiyakunibuthela phakathi kweJerusalema. 20 Njengokuqoqwa kwesiliva nethusi nensimbi nomthofu nethini phakathi kwesithando ukuba kufuthwe umlilo phezu kwakho ukukuncibilikisa, kanjalo ngiyakunibutha ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami , nginibeke khona, nginincibilikise. 21 Yebo, ngiyakunibutha, nginifuthe ngomlilo wentukuthelo yami , nincibilikiswe phakathi kwawo. 22 Njengokuncibilikiswa kwesiliva phakathi kwesithando , kanjalo niyakuncibilikiswa phakathi kwaso , nazi ukuthi mina Jehova ngithululile ukufutheka kwami phezu kwenu. 23 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 24 Ndodana yomuntu , yisho kuwo ukuthi : U yizwe elingahlanjululwanga, elinganelwanga ngosuku lokufutheka. 25 Kukhona uzungu lwabaprofethi bawo phakathi kwawo njengengonyama ebhongayo edwengula impango ; badlile imiphefumulo , bathatha ingcebo nokuyigugu; benzile abafelokazi babo babe baningi phakathi kwawo. 26 Abapristi bawo badlovile umthetho wami ; bangcolisile izinto zami ezingcwele, abahlukanisanga okungcwele nokuyichilo, abafundisanga abantu ukwahlukanisa okungcolileyo nokuhlambulukileyo, bafihlele amasabatha ami amehlo abo; sengidumazekile phakathi kwabo. 27 Izikhulu zawo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuchitha igazi nokuqeda imiphefumulo ukuba ziphange nokuphanga. 28 Abaprofethi bawo babanamekele ngodaka olungavuthiwe, bebona okuyize, bebabhulela amanga , bethi: Isho kanje iNkosi uJehova , noma uJehova engakhulumanga. 29 Abantu bezwe bacindezele nokucindezela , baphangile nokuphanga , yebo, bakhathazile abampofu nabaswelayo , bacindezele abafokazi ngokungengamthetho. 30 Ngafuna kubo umuntu wokubiya uthango , eme esikhaleni ngaphambi kwami ngenxa yezwe ukuba ngingalichithi, kepha angimfumananga. 31 Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo ; ngibaqedile ngomlilo wentukuthelo yami, ngehlisela indlela yabo phezu kwama khanda abo, isho iNkosi uJehova.