UHezekeli Chapter 15
1
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2
Ndodana yomuntu , umuthi womvini udlula ngani imithi yonke , igatsha lomvini eliphakathi kwemithi yasehlathini, na?
3
Kuyakuthathwa kuwo umuthi wokwenza umsebenzi, noma kuthathwe kuwo isikhonkwane ukuphanyeka isitsha, na?
4
Bheka, uyafakwa emlilweni ukuba udliwe , ziqedwe ngumlilo izihloko zawo zombili, kuhanguke okuphakathi kwazo; usulungele umsebenzi na?
5
Bheka, usaphelele awenziwanga waba ngokomsebenzi ; kakhulu kangakanani, lapho umlilo uwuqedile wahanguka , uyobe usenziwa ube ngokomsebenzi, na?
6
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Njengomuthi womvini phakathi kwemithi yasehlathini engiwunike umlilo ukuba uq edwe, kanjalo ngiyakunikela abakhileyo eJerusalema.
7
Ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nabo ; baphumile emlilweni, kepha umlilo uyakubaqeda ; niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ngibhekisa ubuso bami bumelane nabo.
8
Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo , ngokuba benze isiphambeko , isho iNkosi uJehova.