Skip to Content

UGenesise Chapter 8

1 UNkulunkulu wayesemkhumbula uNowa , nezilwane zonke , nezinkomo zonke ezinaye emkhunjini . UNkulunkulu wadlulisa umoya phezu komhlaba , amanzi abohla. 2 Imithombo yotwa namafasitele asezulwini kwavinjwa , imvula yasezulwini yaphela. 3 Amanzi ayesemuka njalo emhlabeni; emva kwezinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu amanzi ancipha. 4 Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nesikhombisa enyangeni umkhumbi wema ezintabeni zase-Ararati. 5 Amanzi ancipha njalonjalo, kwaze kwaba senyangeni yeshumi . Ngeyeshumi ngolokuqala lwenyanga iziqongo zezintaba zabonakala. 6 Kwathi emva kwezinsuku ezingamashumi amane uNowa wavula ifasitele lomkhumbi abelenzile. 7 Wathuma igwababa, lazulazula njalo, aze asha amanzi emhlabeni. 8 Wayesethuma ijuba ukubona ukuba amanzi asenciphile yini ebusweni bomhlaba. 9 Kepha ijuba lalingafumani ukuphumula kwamathe onyawo lwalo , labuyela kuye emkhunjini , ngokuba a manzi ayesesebusweni bomhlaba wonke ; waselula isandla sakhe, walithatha, walingenisa kuye emkhunjini. 10 Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa ; waphinda walithuma ujuba emkhunjini. 11 Ijuba lafika kuye ngakusihlwa ; bheka, kusemlonyeni walo iqabunga lomnqumo elikhiweyo. Wase azi uNowa ukuthi amanzi anciphile emhlabeni. 12 Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; walithuma ijuba ; alabe lisabuyela kuye. 13 Kwathi ngomnyaka wamakhulu ayisithupha nanye ngenyanga yokuqala ngolokuqala lwenyanga amanzi abeseshile emh labeni; uNowa wasusa uphahla lomkhumbi, wabona, bheka, ubuso bomhlaba base bomile. 14 Ngenyanga yesibili ngosuku lwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga umhlaba wawusomile. 15 UNkulunkulu wakhuluma kuNowa, wathi: 16 Phuma emkhunjini , wena nomkakho , namadodana akho , nabafazi bamadodana akho bekanye nawe. 17 Phuma kanye nezilwane zonke eziphilayo zenyama yonke , izinyoni, nezinkomo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni , zichume emhlabeni, zizale, zande emhlabeni. 18 Wayesephuma uNowa namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe bekanye naye. 19 Zonke izilwane , nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo , nazo zonke izinyoni, konke okuhamba emhlabeni ngezinhlobo zakho kwaphuma emkhunjini. Umnikelo kaNowa nesithembiso sikaJehova 20 UNowa wamakhela uJehova i -altare, wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyon i ezihlambulukileyo , wanikela umnikelo wokushiswa e-altare. 21 UJehova wezwa iphunga elimnandi ; uJehova wathi enhliziyweni yakhe : Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe ; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile. 22 Umhlaba usekhona, ukutshala nokuvuna, amakhaza nokufudumala, ihlobo nobusika, imini nobusuku akuyikunqamuka.