Skip to Content

UGenesise Chapter 50

1 UJosefa wawa ebusweni bukayise, wakhala phezu kwakhe, wamanga. 2 UJosefa wayala izinceku zakhe izinyanga ukuba zimgqumise uyise ngemithi; izinyanga zamgqumisa-ke u-Israyeli ngemithi. 3 Zaphelela izinsuku zakhe ezingamashumi amane, ngokuba ziphelela kanjalo izinsuku zokugqumisa ngemithi ; abaseGibithe bamkhalela izinsuku ezingamashumi ayisikhombisa. 4 Sezidlulile izinsuku zokumkhalela , uJosefa wakhuluma kuyo indlu kaFaro , wathi: Uma ngifumene umusa emehlweni enu , ake nikhulume ezindlebeni zikaFaro ngokuthi 5 ubaba wangifungisa wathi : Bheka, ngiyafa; ethuneni engizimbele lona ezweni laseKhanani uzakungingcwaba kulo . Ngalokho ake ngikhuphuke , ngimmbele ubaba, bese ngibuya. 6 Wayesethi uFaro: Khuphuka, ummbele uyihlo njengokukufungisa kwakhe. 7 Khona uJosefa wakhuphuka ukuyommbela uyise ; zakhuphuka n aye zonke izinceku zikaFaro , nezikhulu zendlu yakhe , nezikhulu zonke zezwe laseGibithe, 8 nendlu yonke kaJosefa , nabafowabo, nendlu kayise ; bashiya ezweni laseGosheni izingane zabo, nezimvu zabo, nezinkomo zabo kuphela. 9 Kwakhuphuka nabo nezinqola , nabamahhashi; kwaba yibandla elikhulu impela. 10 Baya, bafika eGoreni Hathadi elingaphesheya kweJordani ; lapho bakhala nokukhala impela , okunzima kakhulu ; wamenzela uyise isililo izinsuku eziyisikhombisa. 11 Abakhileyo ezweni , amaKhanani, sebebone isililo eGoreni Ha thadi bathi : Lokhu kuyisililo esinzima sabaseGibithe . Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi i-Abela Misirayimi elingaphesheya kweJordani. 12 Amadodana akhe amenzela njengalokho ewayalile; 13 ngokuba amadodana akhe amyisa ezweni laseKhanani , ammbela emhumeni wasensimini yaseMakaphela , u-Abrahama awuthenga kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yokumbela, ngaphambi kweMamre. 14 UJosefa wayesebuyela eGibithe , yena nabafowabo , nabo bonke ababekhuphuke naye ukummbela uyise, emva kokungcwaba kwakhe uyise. 15 Sebebonile abafowabo bakaJosefa ukuthi uyise ufile , bathi: Mhlawumbe uJosefa uzakusizonda, asiphindisele nokusiphindisela konke okubi esakwenza kuyena. 16 Base bethumela kuJosefa, bethi: Uyihlo wayala engakafi, wathi: 17 Niyakusho kuJosefa ukuthi: Ake uthethelele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo , ngokuba bakwenzela okubi . Manje siyakucela ukuthi : Ake uthethelele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo . UJosefa wakhala, besakhuluma kuye. 18 Base befika nabafowabo , bawa phansi ebusweni bakhe , bathi: Bheka, siyizinceku zakho. 19 UJosefa wayesethi kubo: Ningesabi; kanti ngisesikhundleni sikaNkulunkulu na? 20 Yebo, nina nangisongozela okubi , kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba akwenze kube njenganamuhla, asindise abantu abaningi. 21 Ngalokho ningesabi ; mina ngiyakunondla , nina nezingane zenu . Wabaduduza, wakhuluma kuzo izinhliziyo zabo. Ukufa kukaJosefa 22 UJosefa wahlala eGibithe, yena nendlu kayise; uJosefa wahamba iminyaka eyikhulu neshumi. 23 UJosefa wabona abantwana bakwa -Efrayimi besizuk ulwane sesithathu ; nabantwana bakwaMakiri indodana kaManase bazalelwa emathangeni kaJosefa. 24 Wayesethi uJosefa kubafowabo : Mina sengiyafa , kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela , anikhuphule kuleli zwe , aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe. 25 UJosefa wayesefungisa amadodana ka-Israyeli, ethi: UNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, nina nikhuphule amathambo ami lapha. 26 Wayesefa uJosefa eneminyaka eyikhulu neshumi ; bamgqumisa ngemithi , wafakwa ebhokisini eGibithe.