Skip to Content

UDuteronomi Chapter 27

1 UMose namalunga akwa -Israyeli bayala abantu , bathi: Gcinani yonke imiyalo esiniyala ngayo namuhla. 2 Kuyakuthi mhla niwela iJordani ukuya ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, uzimisele amatshe amakhulu, uwanameke ngodaka, 3 ulobe kuwo amazwi onke alo mthetho , nxa usuwelile ukuba ungene ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona , izwe elivame ubisi nezinyosi njengokukwethembisa kukaJehova uNkulunkulu wawoyihlo. 4 Kuyakuthi lapho seniliwelile iJordani, nimise lawa matshe enginiyala ngawo namuhla entabeni yase-Ebali, uwanameke ngodaka. 5 Uyakumakhela khona uJehova uNkulunkulu wakho i -altare, i-altare lamatshe, ungawaphakamiseli into yensimbi. 6 Uyakwakha i-altare likaJehova uNkulunkulu wakho ngamatshe apheleleyo , unikele kulo ngeminikelo yokushiswa kuJehova uNkulunkulu wakho, 7 uhlabe iminikelo yokuthula , udle khona , wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho. 8 Uyakuloba ematsheni onke amazwi alo mthetho, uwaqophisise kahle. 9 UMose nabapristi bamaLevi bakhuluma kuwo wonke u -Israyeli, bathi: Thula, ulalele, Israyeli: namuhla sewuyisizwe sikaJehova uNkulunkulu wakho. 10 Ngalokho wolilalela izwi likaJehova uNkulunk ulu wakho , wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla. Izibusiso neziqalekiso zabakwa-Israyeli 11 UMose wayala abantu ngalona lolo suku, wathi: 12 Laba bayakuma entabeni yaseGerizimu ukubusisa abantu, lapho seniwelile iJordani: oSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noJosefa, noBenjamini; 13 laba bayakuma entabeni yase -Ebali babe ngabokuqalekisa : oRubeni, noGadi, no-Asheri, noZebuloni, noDani, noNafetali. 14 AmaLevi ayakuphendula, athi kuwo onke amadoda akwa -Israyeli ngezwi elikhulu: 15 Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe ezibaziweyo nesibunjiweyo , isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese. Bonke abantu bayakuphendula bathi: Amen. 16 Makaqalekiswe odelela uyise noma unina. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen. 17 Makaqalekiswe osusa isikhonkwane somakhelwane wakhe . Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen. 18 Makaqalekiswe ophundula impumputhe endleleni . Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen. 19 Makaqalekiswe ophendukezela isahlulelo somfokazi , nesentandane, nesomfelokazi. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen. 20 Makaqalekiswe olala nomkayise , ngokuba wambulile umphetho wengubo kayise. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen. 21 Makaqalekiswe olala nesilwane. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen. 22 Makaqalekiswe olala nodadewabo , indodakazi kayise noma indodakazi kanina. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen. 23 Makaqalekiswe olala nomkhwekazi . Bonke abantu bayakusho ukuthi : Amen. 24 Makaqalekiswe obulala umakhelwane wakhe ngasese . Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen. 25 Makaqalekiswe owamukela umvuzo ukuba abulale ongenacala , achithe igazi lakhe. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen. 26 Makaqalekiswe ongawaqinisi amazwi alo mthetho ukuba awenze . Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.