Skip to Content

U-Obadiya Chapter 1

1 Umbono ka -Obadiya. Isho k anje iNkosi uJehova ngo -Edomi, ithi: Sizwile imibiko evela kuJehova , kuthunyiwe isithunywa phakathi kwabezizwe ngokuthi: Vukani, simvukele ngokulwa. 2 Bheka, ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwabezizwe ; udeleleke kakhulu. 3 Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukuk hohlisile wena ohlezi emifantwini yamawa, ondawo yakho yokuhlala iphakeme , othi enhliziyweni yakho : Ngubani ongangehlisela phansi na? 4 Noma uphakama njengokhozi, kubekwe isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona, usho uJehova. 5 Uma ama sela efika kuwe , nabaphangi ebusuku yeka ukuchithwa kwakh o bebengayikweba baze baneliswe na ? Uma abavuna izithelo zomvini befika kuwe, bebengayikushiya umkhothozo na? 6 Yeka ukufunisiswa kuka -Esawu, yeka ukuphenywa kwamagugu akhe afihliweyo! 7 Bonke abantu besivumelwano sakho bayakukuxosha emkhawulweni; abantu ababehlalisana nawe ngokuthula bayakukukhohlisa , bakwahlule; abadla isinkwa sakho bayakubeka ugibe phansi kwakho; akakho oluqondayo. 8 Angithi ngiyakuchitha abahlakaniphileyo kwa -Edomi ngalolo suku , usho uJehova, nokuqonda entabeni yakwa-Esawu, na? 9 Amaqhawe akho , Themani, ayakuphela amandla , ukuze yilowo nalowo anqunywe entabeni yakwa-Esawu ngokubulawa. 10 Ngenxa yendluzula eyenziwa kumfowenu uJakobe , amahloni ayakukusibekela, unqunywe kuze kube phakade. 11 Ngosuku owema kude ngalo , ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe, nabezizwe bangena ngamasango akhe , benza inkatho ngeJerusalema, nawe wawunjengomunye wabo. 12 Kepha ungabheki usuku lomfowenu ngosuku lobufokazi bakhe , ungathokozi ngabantwana bak waJuda ngosuku lokuchithwa kwabo , ungaqhalazi ngosuku losizi. 13 Ungangeni ngesango labantu bami ngosuku lwesigemegeme sabo , ungabheki ukuhlupheka kwabo ngosuku lwesigemegeme sabo , ningabeki sandla emfuyweni yabo ngosuku lwesigemegeme sabo. 14 Ungemi enhlan ganweni yezindlela ukunquma abaphunyukileyo bakhe , ungakhapheli abaseleyo bakhe ngosuku losizi. 15 Ngokuba usuku lukaJehova lusondel e ezizweni zonke ; njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe ; izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho. 16 Ngokuba njengal okho niphuzile entabeni yami engcwele , bayakuphuza kanjalo bonke abezizwe, baphuze, bagwinye, babe njengokungathi abazange babe khona. 17 Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo , ibe ngcwele , nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo. 18 Indlu yakwaJakobe iyakuba ngumlilo , indlu kaJosefa ibe yilangabi , indlu ka-Esawu ibe ngamabibi, bawashise, bawaqede; akuyikubakho oseleyo endlini ka-Esawu, ngokuba uJehova ukhulumile. 19 Abaseningizimu bayakudla ifa lentaba yakwa -Esawu, nabasehlanzeni ifa lamaFilisti, badle ifa lezwe lakwa -Efrayimi nezwe laseSamariya , uBenjamini adle iGileyadi. 20 Abathunjwa bale mpi yabantwana bakwa -Israyeli abaphakathi kwamaKhanani kuze kube seSarefat i nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi bayakudla ifa lemizi yaseningizimu. 21 Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni ukuyakwahlulela intaba yakwa-Esawu, umbuso besewuba ngokaJehova.