Skip to Content

U-Isaya Chapter 63

1 Ngubani lona ovel a kwa -Edomi enezingubo ezibomvu zakwaBosira , lona ohlobile ngezambatho zakhe ehamba ngobukhulu bamandla akhe , na? Yimi engikhuluma ngokulunga nenginamandla okusindisa. 2 Kungani ukuba izambatho zakho zibomvu , nezingubo zakho zinjengezonyathela esikhamweni sewayini, na? 3 Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho nami noyedwa kubantu; ngabanyathela ngentukuthelo yami , ngabaciphiza ngokufutheka kwami, negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami , ngazingcolisa zonke izambatho zami. 4 Ngokuba usuku l okuphindisela lwalusenhliziyweni y ami; umnyaka wokuhlenga kwami usufikile. 5 Ngabheka, kepha kwakungekho osizayo ; ngamangala, kepha kwakungekho osekelayo; yayisingisindisa ingalo yami, nokufutheka kwami kwangisekela. 6 Ngase nginyathela abantu ngentukuthelo yami, ngabachoboza ngokufutheka kwami, ngathululela phansi igazi labo. 7 Ngiyakubonga umusa kaJehova , ngimdumise uJehov a ngakho konke uJehova asenzele khona , nokuhle okuningi phezu kwendlu ka -Israyeli ayisebenzele khona ngobubele bakhe nangobuningi bomusa wakhe. 8 Wathi: Nempela bangabantu bami , abantwana abangakhohlisi , waba ngumsindisi wabo. 9 Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye , ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukel a kwakhe wabahlenga , wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala. 10 Kepha bahlubuka, badabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo. 11 Abantu bakhe base bekhumbul a izinsuku zakuqala zikaMose , bathi: Uphi yena owabakhipha elwandl e kanye nabelusi bomhlambi wakhe , na? Uphi yena owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo, 12 owenza ukuba ingalo yakhe emangalisay o ihambe ngakwesokunene sikaMose, owahlukanisa amanzi phambi kwab o ukuba azenzele igama eliphakade; 13 owabadabulisa elwandle njengehhashi ehlane, ukuze bangakhubeki, na? 14 Njengezinkomo ezehlela esigodini uMoya kaJehova wabaphumuza. Wahola kanjalo abantu bakho ukuba uzenzele igama elimangalisayo. 15 Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho : kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na ? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi. 16 Ngokuba wena unguBaba ; ngokuba u -Abrahama akasazi , no-Israyeli akasivumi. Wena Jehova unguBaba ; igama lakho linguMhlengi wethu waphakade. 17 Jehova, usidukiselani ezindleleni zakho , uzenze lukhuni izinhlizi yo zethu zingakwesabi, na? Buya ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho. 18 Abantu bakho abangcwel e balidla ifa isikhashana nje ; izitha zeth u zinyathele phansi indlu yakho engcwele. 19 Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo , nabangabizwanga ngegama lakho.