Skip to Content

U-Isaya Chapter 61

1 UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami , ngokuba uJehova ungigcobil e ukuba ngishumayele izindaba ezinhl e kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo, 2 ngimemezele umnyaka womusa kaJehov a nosuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu, ngiduduze bonke abalilayo, 3 ngenze ukuba abalilayo eSiyon i baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundl eni sokulila , ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo, ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulung a nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe. 4 Bayakwakha izincithakalo ezindala , bavuse izindawo ezichithekileyo zakuqala, balungise imizi ebhujisiweyo , izindawo eziyihlane izizukulwane ngezizukulwane. 5 Abezizwe bayakumela ukwalusa imihlambi yenu , abafokazi babe ngabalimi benu nabaphathi bezivini zenu. 6 Kepha nina niyakuthiwa abapristi bakaJehova , niyakubizwa ngokuthi izikhonzi zikaNkulunkulu wethu ; niyakudla imfuyo yezizwe , nizibonge ngodumo lwazo. 7 Esikhundleni sehlazo lenu niyakuphiwa ngokuphindweyo ; abadumeleyo, ukujabula kuyakuba yisabelo sabo ; ngalokho ezweni lakubo bayakudla ifa ngokuphindiweyo, intokozo engapheliyo ibe ngeyabo. 8 Ngokuba mina Jehova ngithanda ukulunga , ngizonda ukuphanga kanye nokubi; ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso , ngenze isivumelwano esiphakade nabo. 9 Inzalo yabo iyakwaziwa phakathi kwezizwe , nabantwana babo phakathi kwabantu; bonke abababonayo bayakubavum a ukuthi bayinzalo uJ ehova ayibusisile. 10 Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova , umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami , ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso , wangisibekela ngesambatho sokulunga, njengomyeni efaka iqhele ngokompristi, nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe. 11 Ngokuba njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo , nanjengensimu ehlumisa okutshalwe kuyo , kanjalo iNkosi uJehova iyakuvez a ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.