Skip to Content

U-Isaya Chapter 56

1 Usho kanje uJehova , uthi: Gcinani ukwahlulela, nenze ukulunga, ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike, nokulunga kwami ukuba kwambulwe. 2 Ubusisiwe umuntu owenza lokhu, nendodana yomuntu ebambelela kukho , ogcina isabatha engaloni , osibamba isandla sakh e ukuba singenzi nakuphi okubi. 3 Indodana yowezizwe ezihlangani se noJehov a mayingasho ukuthi : Impela uJehova uyakungahlukanis a nabantu bakhe , nomthenwa angathi : Bheka, ngingumuthi owomileyo. 4 Ngokuba usho kanje uJehova ngabathenwa, uthi: Abagcina amasabatha ami, nabakhetha engikuthandayo, nababambelela esivumelwaneni sami 5 bona ngiyakubanika endlini yam i naphakathi kwezingange zam i isikhumbuzo negama elihl e kunamadodana namadodakazi ; ngiyakubanika igama eliphakade, elingayikunqunywa. 6 Nabezizwe abazihlanganisa noJehov a ukumkhonza uJehova nokulithanda igama likaJehov a ukuba babe yizinceku zakh e bonke abaligcina isabatha , bangaloni, nababambelela esivumelwaneni sami, 7 yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yami engcwele , ngibathokozise endlini yami yokukhuleka ; iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yab o iyakwamukeleka e -altare lami , ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuth i indlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke. 8 INkosi uJehova ebutha abaxoshiweyo bakwa-Israyeli ithi: Ngisezakubuthela kuye nabanye ngaphandle kwabase bebuthiwe. U-Israyeli wonakele 9 Nonke nina zilwane zasendle, wozani nidle, nonke nina zilwane zasehlathini. 10 Bonke abalindi bayizimpumputhe , abanakwazi; bonke bayizinja eziyizimungulu, abakwazi ukukhonkotha , balala bephupha , bathanda ukozela. 11 Yebo, bayizinja ezihahayo , abakwazi ukusutha ; yebo, laba bangabelu si abangenakuqonda, baphendukela bonke ezindleleni zabo , kube yilowo nalowo enzuzweni yakhe, bonke kanyekanye. 12 Wozani, ngiyakuletha iwayini , sizakuzigcwalisa ngophuzo olunamandla ; nengomuso liyakuba njenganamuhla, libe likhulu kakhulu.