U-Isaya Chapter 54
1
Jabula wena nyumba , wena ongazalanga, uqhumuke ngokuhlabelela , umemeze wena ongabanga namihelo , ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda, usho uJehova.
2
Yenza ibe banzi indawo yetende lakho ; mabazelule izindwangu zamakhaya akho, ungazibambezeli, welule izinta mbo zakho , uziqinise izikhonkwane zakho.
3
Ngokuba uyakusabalala ngakwesokunene nangakwesokhohlo, nengalo yakho iyakuqeda abezizwe, yakhe imizi echithekileyo.
4
Ungesabi, ngokuba awuyikujabha , ungabi namahloni , ngokuba awuyikujabhiswa, ngokuba uyakukhohlwa ihlazo lobusha bakho , ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho.
5
Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho , nguJehova Sebawoti igama lakhe; oNgcwele ka -Israyeli unguMhlengi wakho , uyakubizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.
6
Ngokuba uJehova ukubizile njengomfazi oshiyiweyo nodabukileyo emoyeni; umfazi wobusha ukhona omalayo na? usho uNkulunkulu wakho.
7
Umzuzwana omncane ngakushiya , kepha ngobumnene obukhulu ngiyakukubutha.
8
Ngentukuthelo echichimay o ngabusitheza ubuso bami kuwe isikhashana , kepha ngomusa ongapheliyo ngiyakukuhawukela , usho uJehova uMhlengi wakho.
9
Ngokuba lokhu kunjengezinsuku zikaNowa kimi , ngokuba njengalokho ngafunga ukuthi amanzi kaNowa awayikube esadlula emhlabeni , kanjalo sengifungile ukuthi angisayikukuthukuthelela, ngikusole.
10
Yebo, izintaba zingamuka , namagquma angasuswa , kepha umusa wami awuyikumuka kuwe , nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa , usho uJehova okuhawukelayo.
11
Wena ohluphekayo, ohlukunyeziwe ungaduduzwanga, bheka, ngiyakufaka amatshe akho abe mahle, ngizibeke izisekelo zakho ngamasafire.
12
Ngiyakwenza imibhoshongo yakho ngamarubi , namasango akho ngekristalo, nayo yonke imikhawulo yakho ngamatshe amahle.
13
Bonke abantwana bakh o bayakuba ngabafundi bakaJehova , nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.
14
Uyakumiswa ngokulunga ; uyakuba kude nokucindezelwa , ngokuba awuyikwesaba, nanovalo, ngokuba aluyikusondela kuwe.
15
Bheka, uma bebuthana, kungaphandle kwami, noma ngubani obuthanela wena, uyakuwa ngenxa yakho.
16
Bheka, mina ngidalile umkhand i ofutha umlilo wamalahle , azikhiphele isikhali somsebenzi wakhe; mina ngidalile futhi umchithi wokuba abhubhise.
17
Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa ; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehov a nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.