U-Isaya Chapter 51
1
Ngilaleleni nina enilandela ukulunga , nina enimfunayo uJehova ; bhekani kulo idwala eniqhezulwe kulo, nakuyo imibhobo yomgodi enakhishwa kuyo.
2
Bhekani ku -Abrahama uyihlo , nakuSara owanizalayo , ngokuba eseyedwa ngambiza, ngambusisa, ngamandisa.
3
Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni , aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo, enze ihlane lalo libe n jenge-Edene, noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova ; injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona , ukubonga nezwi lokuhlabelela.
4
Ngizweni, bantu bami , ningibekele indlebe nina sizwe sami , ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho , ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu.
5
Ukulunga kwami kuseduze , insindiso yami iphumile , izingalo zami ziyakubahlulela abantu; iziqhingi ziyangihlalela, zilindela umkhono wami.
6
Phakamiselani amehlo enu ezulwini , niwubheke umhlaba phansi , ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane, kepha insindiso yami iyakum a kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyikuphela.
7
Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla ngezithuko zabo.
8
Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo , nebhu libadle njengoboya bezimvu, kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade , nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.
9
Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkho no kaJehova , vuka njengasezinsukwini zasendulo , ezizukulwaneni zamandulo . Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako, na?
10
Akusuwe owomisa ulwandle, amanzi asotweni olujulileyo, owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela yokuba kuwele abahlengiweyo, na?
11
Abahlawulelweyo bakaJehova bayakubuya , bafike eSiyoni bejabula ; intokozo engapheliyo iyakuba semakhanda abo , bathole injabulo nentokozo, usizi nokububula kubaleke.
12
Yimina, yimi enginguye oniduduzayo ; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?
13
Ukhohliwe uJehova uMenzi wakh o owaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba; uthuthumele njalo izinsuku zonk e ngokufutheka komcindezel i njengokungathi ozilungiselela ukuchitha; kuphi ukufutheka komcindezeli na?
14
Othotshisiweyo uyakushesha ukukhululwa; kayikufa, kayikwehlela egodini, kayikuswela isinkwa sakhe.
15
NginguJehova uNkulunkulu wakh o ovusa ulwandle , ukuze amaza alo ahlokome; nguJehova Sebawoti igama lakhe.
16
Ngiwabekile amazwi ami emlonyeni wakho , ngikusibekele emthunzini wesandla sami , ukuze ngiwatshale amazulu , ngisibeke isisekelo somhlaba , ngithi kulo iSiyoni: Wena uyisizwe sami.
17
Vuka, vuka, usukume wena Jerusalem a ophuzile esandleni sikaJehov a indebe yokufutheka kwakhe ; uphuzile isitsha se ndebe yokutengezela , wasiminya.
18
Akakho ongalihola phakathi kwawo onke amadodana eliwazalileyo. Akakho ongalibamba ngesandla kuwo onke amadodana eliwakhulisileyo.
19
Lokhu kokubili kukwehlele ; ngubani okukhalelayo na ? Lapho kukhona incithakalo nokubhujiswa, ukulamba nenkemba, ngubani ongakududuza na?
20
Amadodana akho adangele, alala ezihlokweni zezitaladi zonke, njengewula esihibeni; agcwele ukufutheka kukaJehov a nokukhuza kukaNkulunkulu wakho.
21
Ngalokho ake uzwe lokhu wena ohluphekayo nodakiweyo, kungengewayini kodwa;
22
isho kanje iNkosi yakh o uJehova noNkulunkulu wakh o emela indaba yabantu, ithi: Bheka, ngiyithathile esandleni sakh o indebe yokutengezela ; yebo, isitsha sendebe yokufutheka kwami awusayikusiphuza.
23
Ngiyakusibeka esandleni sabakuhluphayo , abashoyo emphefumulweni wakho ukuthi : Khothama, sidlule phezu kwakho ; wawusuwubeka umhlane wakho waba njengomhlabathi nesitaladi kwabadlulayo.