U-Isaya Chapter 45
1
Usho kanje uJehova kogcotshiweyo wakhe, kuKoresi, osandla sakhe sokunene ngisibambile ukuba ngahlule izizwe phambi kwakhe , ngithukulule izinkalo zamakhosi , ngivule iminyango phambi kwakhe , amasango angabe esavalwa.
2
Mina ngiyakuhamba phambi kwakho , ngihlelembe amagebhugebhu , ngaphule izivalo zethusi, nginqume imigoqo yensimbi.
3
Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama , nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezisithekileyo, ukuba wazi ukuthi nginguJehov a okubiza ngegama lakho , uNkulunkulu ka-Israyeli.
4
Ngenxa yenceku yami uJakobe , u-Israyeli okhethiweyo wami, ngikubizile ngegama lakho, ngikunikile igama lodumo, ungakangazi.
5
Mina nginguJehova , akakho omunye ; ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu; ngiyakubhincisa ungakangazi,
6
ukuze bazi kusukela empumalanga nasentshonalang a ukuthi akakho ngaphandle kwami; mina nginguJehova, akakho omunye;
7
yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama , ngenza ukuthula, ngidala okubi; nginguJehova owenza konke lokho.
8
Consani, mazulu, phezulu, amafu athuntulule ukulunga ; umhlaba mawuvuleke, kuthelwe ukusindiswa, kumile nokul unga; mina Jehova ngikudalile.
9
Wo kuye olwa noMenzi , udengezi phakathi kwezindengezi zomhlaba ! Ibumba liyakusho kolibumbayo ukuthi : Wenzani na ? nomsebenzi wakho ukuthi: Akanazo izandla, na?
10
Wo kuye osho kuyise ukuthi : U zalani na ? nakowesifazane ukuthi : Unemihelo ngani na?
11
Usho kanje uJehova, oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi: Ningibuza ngezinto ezizayo , ngabantwana bami , ningiyaleze ngomsebenzi wezandla zami, na?
12
Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; mina ngezandla zami ngeneka izulu, nebandla lalo lonke ngiliyalezile.
13
Mina ngimvusile lona ngokulunga; ngiyakuhlelemba zonke izindlela zakhe; yena uyakuwakha umuzi wami , avumele abathunjwa bami ukuba bahambe , kungabi ngenkokhelo nangesipho, usho uJehova Sebawoti. U-Israyeli ungufakazi kuzo izizwe zonke
14
Usho kanje uJehova , uthi: Okukhandlekelweyo kwaseGibith e nokuzuziweyo kwaseKushe , nangamaSheba, abantu abade , kuyakungena kuwe, kube ngokwakho; bayakukulandela, bafike beboshw e ngamaketanga, bakhothamele kuwe, bakhuleke kuwe, bathi: U Nkulunkulu ukuwe kuphela , akakho omunye, akakho ngaphandle kukaNkulunkulu.
15
Impela unguNkulunkulu ozifihlayo, wena Nkulunkulu, Msindisi.
16
Bayakujabha, babe namahloni bonk e kanyekanye; bayakuhamba benamahloni bonke abenza izithombe.
17
Kepha u -Israyeli uyakusindiswa nguJehov a ngokusindiswa okuphakade ; aniyikujabha, aniyikuba namahloni kuze kube phakade.
18
Ngokuba usho kanje uJehova , owalidala izulu , onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba , wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize , wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: NginguJehova, akakho omunye.
19
Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi : Ngifuneni ngeze . Mina Jehova ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho.
20
Buthanani nize , nisondelane ndawony e nina bakhululekileyo bezizwe ; abawuthwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo abanakwazi , bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.
21
Kumemezeleni, nikuveze; yebo, balulekane kanyekanye . Ngubani owakuzwisa lokhu endulo , wakumemezela kwasesikhathini samandulo n a? akusimina Jehova na ? Akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami , uNkulunkulu olungileyo noMsindisi, akakho ngaphandle kwami.
22
Phendukelani kini, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba , ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.
23
Ngizifungile mina , kuphumile izwi emlonyeni wami ngokulunga , aliyikubuya, lokuthi: Kimina ayakuguqa onke amadolo , nezilimi zonke ziyakufunga.
24
Kuyakuthiwa: KuJehova kuphel a nginokulunga namandla . Bayakufika kuye, bajabhe bonke abamvuthelayo.
25
KuJehova yonke inzalo kaJakobe yakwa -Israyeli iyakulungisiswa, ibe nodumo.