Skip to Content

U-Isaya Chapter 39

1 Ngaleso sikhathi uMerodaki Baladani indodana kaBaladani inkosi yaseBabele wathuma abanezincwadi nesipho kuHezekiya , lapho ezwile ukuthi kade egula, kepha usesimamile. 2 UHezekiya wathokoza ngabo , wababonisa indlu yen gcebo yakhe , isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle , nayo yonke indlu yezikhali zakhe , nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe ; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke uHezekiya angababonisanga yona. 3 Wayesefika u -Isaya, umprofethi, enkosini uHezekiya , wathi kuye : Batheni labo bantu ; beze kuwe bevelaphi na ? Wathi uHezekiya: Bavela ezweni elikude, iBabele, beze kimi. 4 Wayesethi: Baboneni endlini yakho na ? UHezekiya wathi : Babone konke okusendlini yami; akukho nto phakathi kwengcebo yami engingababonisanga yona. 5 U-Isaya wathi kuHezekiya: Yizwa izwi likaJehova Sebawoti. 6 Bheka, izinsuku ziyeza , lapho konke okusendlini yakho nalokho oyihlo abakubekelele khona kuze kube namuhla kuyakuyiswa eBabele ; akuyikusala lutho, usho uJehova. 7 Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe , oyakuwazala, bayakuwathatha abe yizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele. 8 Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo . Wathi futhi: Ngokuba kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami.