Skip to Content

U-Isaya Chapter 21

1 Isiprofetho ngehlane lolwandle . Njengokudlula kwezivunguvungu eningizimu kuvela ehlane ezweni elesabekayo. 2 Ngitshelwe umbono olukhuni : umphangi uyaphanga , umchithi uyachitha . Yenyuka, Elamu, vimbezela, Mediya; konke ukukhala kwalo ngikwenza kuphele. 3 Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo ; inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo ; ngikhonkobele ukuba ngingezwa , ngiphele amandla ukuba ngingaboni. 4 Ngadukelwa yingqondo , ngashaywa luvalo ; ukuhwelela engakulangazelel a kwaphenduka ukuthuthumela kimi. 5 Ngukulungisa itafula yini ? Ngukwendlala izindwangu , ukudla nokuphuza , na? Hhayi, sukumani, zikhulu, nicobe izihlangu. 6 Ngokuba ishilo kanje iNkosi , yathi: Hamba umise umlind i ozakubika akubonayo. 7 Lapho ebona abamahhashi , amahhashi amabili ngamabili, nezinkweli zezimbongolo, nezinkweli zamakamela , uyakuqaphela nokuqaphela ngesineke esikhulu. 8 Obonayo wayesememeza, wathi: Nkosi yami , ngimi njalo emini embhoshongweni wami, ngihlezi ngisemlindelweni nasebusuku bonke. 9 Bheka, kuyeza isigaba samadoda, amahhashi amabili ngamabili . Wathatha wathi: Liwile, liwile iBabele , nazo zonke izithombe ezibaziwey o zawonkulunkulu balo zidilizwe phansi. 10 Wena ongokubhuliweyo kwami kwesibuya sami , engikuzwileyo kuJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, khona ngiyanazisa. Isiprofetho ngeDuma 11 Isiprofetho ngeDuma . Ukhona ongimemeza ngiseSeyiri , ethi: Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na? Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na? 12 Umlindi wathi : Kuyeza ukusa , kepha kuse sebusuku. Uma nithanda ukubuza, buzani; buyani nize. Isiprofetho nge-Arabiya 13 Isiprofetho nge -Arabiya. Hlalani ebusuku ehlathini lase -Arabiya nina mahele aseDedanimi. 14 Owomileyo bamlethela amanz i abakhileyo ezweni laseThema , bahlangabeza ababalekayo nesinkwa. 15 Ngokuba babalekela izinkemba , izinkemba ezihoshiweyo , neminsalo ensaliweyo, nobunzima bempi. 16 Ngokuba iNkosi ishilo kimi kanje , yathi: Phakathi kom nyaka, njengeminyaka yomqashwa, udumo lonke lwaseKedari luyakuphela, 17 nensali yenani leminsalo yamaqhawe abaseKedari iyakuba ncane , ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile.