U-Isaya Chapter 13
1
Isiprofetho ngeBabele asibonayo u-Isaya indodana ka-Amose.
2
Misani ibhanela entabeni elucwatha , nibaphakamisele izwi , nibaqhwebe ngezandla ukuba bangene emasangweni abakhulu.
3
Mina uqobo ngibayalile abangcwele bami , yebo, ngibizele amaqhawe ami okwentukuthelo yami, bona labo abami abajabula ngokuziqhenya.
4
Umsindo wesixuku ezintaben i kungathi ngowabantu aban ingi! Umsindo wokuxokozela kwemibuso yabezizwe ihlangene! UJehova Sebawoti uyabutha impi yakhe.
5
Bavela ezweni elikud e nasekugcineni kwezul u uJehova nezikhali zentukuthelo yakhe, ukuba bachithe umhlaba wonke.
6
Klewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele ; njengencithakalo evela kuSomandla luyafika.
7
Ngalokho izandla zonke ziyadangala, nezinhliziyo zonke ziyaphela amandla.
8
Bayashaqeka, babanjwa yiminjunju nobuhlungu , bazibinya njengababelethayo. Babhekana omunye nomunye bemangala . Ubuso babo bungubuso bamalangabi.
9
Bheka, usuku lukaJehova luyeza , lunonya, lunokufutheka, lunokuvutha kolaka, ukuba lwenz ize umhlaba, luchithe izoni zawo kuwo.
10
Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana baz o akuyikukhanya; ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo , nenyanga ayisayikukhipa ukukhanya kwayo.
11
Ngiyakulijezisa izwe ngobubi balo , nababi ngezono zabo , ngenze ukuba kuphele ukuzidla kwabaziqhenyayo , ngithobise ukuziphakamisa kwabacindezeli.
12
Ngiyakwenza umuntu abe yigugu kunegolide elihle , yebo, umuntukazana kunegolide elicwengekileyo.
13
Ngalokho ngiyakuzamazamisa izulu, umhlaba unyakaziswe endaweni yawo, ngentukuthelo kaJehova Sebawoti ngosuku lokuvutha kwentukuthelo yakhe.
14
Kuyakuthi njengensephe exoshwayo nezimvu ezingaqoqwa muntu , baphendukele, kube yilowo nalowo kubantu bakubo, babalekele, kube yilowo ezweni lakubo.
15
Bonke abatholwayo bayakugwazwa , nabo bonke ababanjwayo bayakuwa ngenkemba.
16
Izingane zabo ziyakuchotshozwa emehlweni abo , izindlu zabo ziphangwe, omkabo baphoqwe.
17
Bhekani, ngiyakubavusela amaMede angayikunaka isiliva , negolide angathokozi ngalo.
18
Iminsalo iyakuwisa phansi izinsizwa zabo ; abayikuhawukela isithelo esisesizalweni, amehlo abo angabi nasihe kubantwana.
19
IBabele, umhlobiso wemibuso, isivunulo sokuzikhukhumeza kwamaKaledi, liyakuba njengokuchitha kukaNkulunkulu iSodoma neGomora.
20
Alisoze labuye lakhiwa , akusayikuhlalwa kulo ezizukulwaneni ngezizukulwane; umArabiya akayikumisa khona , nabelusi abayikulala lapho nemihlambi yabo.
21
Kepha izilwane zasehlane ziyakubuthisa khona , nezindlu za lo ziyakugcwala izikhova ; kuyakuhlala lapho izintshe , namademoni ayakungqabashiya khona.
22
Izimpungushe ziyakukhala ezinqabeni zalo , namakhanka ezindlini zamakhosi; siseduze ukufika isikhathi salo, nezinsuku zalo aziyikwandiswa.