U-Esteri Chapter 3
1
Emva kwalezo zinto inkosi , u-Ahashiveroshi, yamenza mkhulu uHamani indodana kaHamedatha umAgagi , yamphakamisa, yamisa isihlalo sakhe phezu kwazo zonke izikhulu ezazinayo.
2
Zonke izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi zakhothama , zakhuleka kuHamani, ngokuba inkosi iyale kanjalo ngaye . Kepha uMoridekayi akakhothamanga, kakhulekanga kuye.
3
Zase zithi izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi kuMoridekayi: Weqelani isiyalezo senkosi na?
4
Kwathi zikhuluma kuye imihla ngemihla , engazilaleli, zamtshela uHamani ukuba zibone ukuthi amazwi kaMoridekayi ayakuma yini , ngokuba wayezitshelile ukuthi ungumJuda.
5
Lapho uHamani ebona ukuthi uMoridekayi akakhothamanga , kakhulekanga kuye, uHamani wagcwala ulaka.
6
Kwakudelelekile emehlweni akhe ukubeka izandla kuMoridekayi yedwa , ngokuba zase zimtshelile abantu bakaMoridekayi; ngalokho uHamani wafuna ukubulala bonke abaJuda ababe sembusweni wonke ka-Ahashiveroshi, isizwe sikaMoridekayi.
7
Ngenyanga yokuqala eyinyanga kaNisani ngomnyaka weshumi nambili wenkosi u -Ahashiveroshi benza iPhure eliyinkatho phambi kukaHamani imihla ngemihla i zinyanga ngezinyanga, kwaze kwaba ngeyeshumi nambili eyinyanga ka-Adari.
8
UHamani wathi enkosini u -Ahashiveroshi: Kukhona isizwe esithile esihlakazekile, sisakazekile phakathi kwabantu bezifunda zonke zombuso wakho; nemithetho yaso yahlukene neyezizwe zonke; futhi asigcini imithetho yenkosi; ngalokho akufanele ukuba inkosi isiyeke.
9
Uma kukuhle enkosini , makulotshwe ukuba sichithwe ; ngiyakukhokhela amatalenta ayizinkulungwane eziyishumi esiliva ezandleni zabenza umsebenzi wenkosi, ayiswe esikhwameni senkosi.
10
Inkosi yakhumula indandatho yayo esandleni sayo , yayinika uHamani indodana kaHamedatha umAgagi isitha sabaJuda.
11
Inkosi yathi kuHamani: Isiliva liyanikwa wena, nesizwe futhi, ukuba wenze kuso okuhle emehlweni akho.
12
Kwase kubizwa abalobi benkosi nge nyanga yokuqala ngosuku lweshumi nantathu lwayo , kwalotshwa njengakho konke uHamani ayala angakho othulasizwe benkosi , nababusi ababephethe izifunda ngezifunda , nezikhulu zezizwe ngezizwe , izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo , nezizwe ngezizwe njengolim i lwazo ; kwalotshwa egameni lenkosi u -Ahashiveroshi, kwanamathiselwa ngendandatho yenkosi.
13
Izincwadi zathunywa ngesandla sezigijimi ezifundeni zonke zenkosi ukuba kuchithwe, kubulawe, kubhujiswe abaJuda bonke, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye , ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari, impahla yabo ibe yimpango.
14
Impinda yokulotshiweyo yanikwa ukuba ibe yisimemezelo ezifundeni zonke, kumenyezelwe kubantu bonke ukuba bazilungiselele lolo suku.
15
Izigijimi za shesha zahamba ngezwi lenkosi . Umthetho washaywa eShushani endlini yenkosi; inkosi noHamani bahlala phansi , baphuza, kepha umuzi waseShushani wakhungatheka.