U-Eksodusi Chapter 31
1
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2
Bheka, ngibize ngegama uBesaleli indodana ka -Uri kaHuri , owesizwe sakwaJuda.
3
Ngimgcwalisile ngoMoy a kaNkulunkulu , ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke,
4
ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti , asebenze ngegolide , nangesiliva, nangethusi,
5
nangokuqopha amatshe okufakwa , nangokuqopha imithi , yebo, ukuba asebenze imisebenzi yonke.
6
Bheka, mina ngimisile kanye naye u -Oholiyabe indodana ka -Ahisamaki, owesizwe sakwaDani; ezinhliziyweni zazo zonke eziyizingcweti ngenhliziyo ngifake ukuhlakanipha ukuba zikwenze konke engikuyale ngakho:
7
itende lokuhlangana, nomphongolo wobufakazi, nesihlalo somusa esiphezu kwawo, nezimpahla zonke zetende,
8
netafula nezitsha zalo, nothi oluhle lwezibani nezitsha zonke zalo , ne-altare lempepho,
9
ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zonke zalo , nomcengezi nesinqe sawo,
10
nezingubo ezifekethisiweyo , nezambatho ezingcwele zika -Aroni umpristi nezambatho zamadodana akhe zokuba bakhonze esikhundleni sobupristi,
11
namafutha okugcoba, nempepho yamakha athaphukayo yendawo engcwele, yebo, zenze njengakho konke engikuyale ngakho. Umyalelo wesabatha
12
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
13
Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Anogcina amasabatha , ngokuba aluphawu phakathi kwami nani ezizukulwaneni zenu ukuba nazi ukuthi nginguJehova oningcwelisayo.
14
Gcinani isabatha , ngokuba lingcwele kini ; yilowo nalowo olo nayo uyakubulawa nokubulawa , ngokuba osebenza umsebenzi ngalo uyakunqunywa kubantu bakubo.
15
Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa , kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula, lingcwele kuJehova: bonke abasebenza umsebenzi ngosuku lwesabatha bayakubulawa nokubulawa.
16
Ngalokho abakwa-Israyeli bayakuligcina isabatha, balilonde ezizukulwaneni zabo libe yisivumelwano esiphakade.
17
Liluphawu phakathi kwami nabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade, ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova walenza izul u nomhlaba, kepha ngosuku lwesikhombisa waphumula, waqabuleka.
18
Eseqedile ukukhuluma noMose entabeni yaseSinayi wamnika izibhebhe zombili zobufakazi , izibhebhe zamatshe , zilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu.