U-Eksodusi Chapter 22
1
Uma umuntu eba inkabi noma imvu , ayihlabe, noma athengise ngayo , uyakukhokha inkabi ngezinkabi eziyisihlanu, nemvu ngezimvu ezine.
2
Uma isela lificwa lisafohla , lishaywe lize life , akuyikuba yicala legazi maqondana nalo.
3
Uma ilanga lase liphumile phezu kwalo , kuyakuba yicala legazi phezu kwalo. Isela liyakukhokha nokukhokha ; uma lingenalutho, kuyakuthengiswa ngalo ngenxa yokweba kwalo.
4
Uma okwebiweyo kufunyaniswa esandleni salo kuphilile , noma kuyinkabi, noma kuyimbongolo, noma kuyimvu, liyakukhokha kuphindwe kabili.
5
Uma umuntu eklabisa ensimini noma esivinini , aziyeke nje izinkomo zakhe zize zidle ensimini yomunye , uyakukhokha nokukhokha ngokuhle kwensimu yakhe nangokuhle kwesivini sakhe.
6
Uma kuvela umlilo, uvuthe emeveni kuze kushe izinhlanga zamabele, noma amabele angakavunwa, noma insimu, othungele umlilo uyakukhokha impela.
7
Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imali noma impahla ukuba ayilondoloze, bese yebiwa endlini yalowo muntu , isela, uma lifunyanwa, liyakukhokha kuphindwe kabili.
8
Uma isela lingafunyanwa , umninindlu uyakusondela kuNkulunkulu , kubonwe ukuba akafakanga yini isandla sakhe empahleni yomakhelwane wakhe.
9
Ngezindaba zonke zamacala , eyenkabi, neyembongolo, neyemvu, neyengubo, neyento elahlekileyo , umuntu asho ngayo ukuthi ngeyakhe , indaba yabo bobabili iyakuza phambi kukaNkulunkulu ; olahlwa nguNkulunkulu uyakumkhokhela umakhelwane wakhe kuphindwe kabili.
10
Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imbongolo , noma inkabi, noma imvu , noma kungaba yisilwane sini , ukuba akulondoloze, bese kufa , noma kulimala, noma kuphangwa, kungabonwa muntu,
11
kuyakunquma isifungo sikaJehova phakathi kwabo bobabili sokuthi akasifakanga yini isandla sakhe empahleni yomakhelwane wakhe ; umniniyo uyakusamukela isifungo, angayikhokhi.
12
Kepha uma yebiwe kuye impela, uyakumkhokhela umniniyo.
13
Uma idweshuliwe , makayilethe ibe ngufakazi , angakhokhi okudweshuliweyo.
14
Uma umuntu etsheleka impahla yomunye , bese yilimala noma ifa , umniniyo engekho, nayo uyakuyikhokha nokuyikhokha.
15
Uma umniniyo enayo, akayikuyikhokha; uma yayiqashiwe, imali yokuqasha makayikhokhe. Imithetho yokuphatha izintandane, nabafokazi, nabampofu nokunye
16
Uma umuntu eyenga intombi engesiyo ingoduso, alale nayo, uyakuyilobola ibe ngumkakhe.
17
Uma uyise ala impela ukumnika yona , uyakukhokha imali elingene nokulotsholwa kwezintombi.
18
Ungavumi ukuba umlumbikazi aphile.
19
Olala nesilwane wobulawa nokubulawa.
20
Ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova yedwa uyakubhujiswa nokubhujiswa.
21
Awuyikukhathaza umfokazi , ungamcindezeli, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.
22
Aniyikuhlupha mfelokazi nentandane.
23
Uma ubahlupha nakanjani, bakhale kimi nakancane, ngiyakuzwa nokuzwa ukukhala kwabo;
24
ulaka lwami luyakuvutha , ngikubulale ngenkemba; omkenu babe ngabafelokazi, abantwana benu babe yizintandane.
25
Uma utsheleka ompofu wabantu bami okuwe imali , awuyikumphatha njengabatshelekisi; ningabizi nzalo kuye.
26
Uma uthatha ingubo yomakhelwane wakho , ibe yisibambiso , uyakuyibuyisela kuye lingakashoni ilanga;
27
ngokuba iyisimbozo sakhe esisodwa , iyisambatho somzimba wakhe ; uyakulala ngani na ? Kuzakuthi nxa ekhala kimi , ngizakumuzwa, ngokuba nginomusa.
28
Awuyikuthuka uNkulunkulu, ungaqalekisi induna yabantu bakini.
29
Awuyikulibala nemin ikelo yamabele neyewayini . Wonginika izibulo emadodaneni akho.
30
Uyakwenze njalo nangezinkomo zakho nangezimvu zakho : liyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili wonginika lona.
31
Niyakuba ngabantu abangcwele kimi ; ngalokho a niyikudla nyama yesilwane esidweshulwe endle, kepha anoyiphonsa ezinjeni.