NgokukaMathewu Chapter 1
1
Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu , indodana kaDavide , indodana ka - Abrahama.
2
U-Abrahama wazala u -Isaka, u-Isaka wazala uJakobe , uJakobe wazala uJuda nabafowabo;
3
uJuda wazala oFaresi noZara kuTamari , uFaresi wazala u -Esiromu, u- Esiromu wazala u-Aramu;
4
u-Aramu wazala u -Aminadaba, u-Aminadaba wazala uNasoni , uNasoni wazala uSalimoni;
5
uSalimoni wazala uBowasi kuRakhabi, uBowasi wazala u-Obede kuRuthe, u- Obede wazala uJesayi;
6
uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya;
7
uSolomoni wazala uRobowamu , uRobowamu wazala u -Abiya, u-Abiya wazala u-Asafa;
8
u-Asafa wazala uJosafati , uJosafati wazala uJoramu , uJoramu w azala u - Oziya;
9
u-Oziya wazala uJothamu , uJothamu wazala u -Akazi, u-Akazi wazala uHezekiya;
10
uHezekiya wazala uManase , uManase wazala u -Amoni, u-Amoni wazala uJosiya;
11
uJosiya wazala uJekoniya nabafowabo ngesikhathi sokuthunjelwa eBabiloni.
12
Kwathi emva kokuthunjelwa eBabiloni uJekoniya wazala uSalatiyeli , uSalatiyeli wazala uZorobabeli;
13
uZorobabeli wazala u -Abiyudi, u-Abiyudi wazala u -Eliyakimi, u-Eliyakimi wazala u-Azori;
14
u-Azori wazala uSadoki , uSadoki wazala u -Akimi, u-Akimi wazala u- Eliyudi;
15
u-Eliyudi wazala u -Eleyazare, u-Eleyazare wazala uMathani , uMathani wazala uJakobe;
16
uJakobe wazala uJosefa , indoda kaMariya , azalwa nguye uJesu othiwa uKristu.
17
Zinjalo-ke izizukulwane zonke ezisukela ku -Abrahama ziye kuDavide , ziyizizukulwane eziyishumi nane ; nezisukela kuDavide ziye ekuthunjelweni eBabiloni ziyizizukulwane eziyishumi nane ; nezisukela ekuthunjelweni eBabiloni ziye kuKristu ziyizizukulwane eziyishumi nane. Ukuzalwa kukaJesu (Luk. 1:26; 2:1)
18
Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba nje : unina uMariya esemiselwe uJosefa , bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.
19
Kepha uJosefa indoda yakhe engumuntu olungileyo , engathandi ukumthela ihlazo, wayefuna ukumlahla ngasese.
20
Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye nge phupho, ithi: Josefa, ndodana kaDavide , ungesabi ukumthatha uMariya umkakho , ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele.
21
Uzakuzala indodana , uyiqambe igama lokuthi uJesu , ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.
22
Lokhu konke kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi:
23
Bheka, intombi iyakukhulelwa , izale indodana ; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa uNkulunkulu unathi .
24
UJosefa esevukile ebuthongweni wenza njengalokho imyal ile ingelosi yeNkosi, wamthatha umkakhe;
25
akaze aya kuye , waze wazibula ngendodana ; wayiqamba igama lokuthi uJesu.