Skip to Content

NgokukaMarku Chapter 7

1 Kwabuthana kuye abaFarisi nabanye bababhali bevela eJerusalema. 2 Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe -- 3 ngokuba abaFarisi kanye nabaJuda bonke abadli bengahlambisisanga izandla, bebamba isiko labadala; 4 nanxa bevela endalini , abadli bengakahlambi ; kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe , njengokuhlanza izinkezo , nezinkamba, nezitsha zethusi -- 5 abaFarisi nababhali bambuza bathi : Abafundi bakho abahambi ngani ngesiko labadala, kepha badla isinkwa ngezandla ezimbi na? 6 Wayesethi kubo : U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi : Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo , kepha inhliziyo yaso ikude nami; 7 kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu. 8 Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu. 9 Wayesethi kubo: Yebo, nichitha umyalo k aNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu. 10 Ngokuba uMose wathi : Yazisa uyihlo nonyoko , nokuthi: Othuka uyise noma unina makafe nokufa; 11 kepha nina nithi : U ma umuntu ethi kuyise noma kunina : YiKorbana, okungukuthi umnikelo, lokho ongabe usizwa yimi ngakho, 12 anisamvumeli ukuba enzele uyise noma unina utho. 13 Izwi likaNkulunkulu nilenza libe yize ngesiko lenu enilivezileyo ; nokunye okuningi okunjalo niyakwenza. 14 Khona wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: Ngizweni nonke, niqonde. 15 Alukho utho olungaphandle k omuntu lungene kuye olungamngcolisa ; kepha okuphumayo kuye yilokho okumngcolisayo umuntu. 16 Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe. 17 Kuthe esengene endlini , evela esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalowo mfanekiso. 18 Wayesethi kubo: Kanti nani ningaban gaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na? 19 Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe , kodwa kungena esiswini , kuphumele ngaphandle, kuhlambulula ukudla konke. 20 Wayesethi: Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu; 21 ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi , nobufebe, nokweba, nokubulala, 22 nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni , neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula. 23 Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu. Owesifazane waseSirofenike (Math. 15:21) 24 Wayesemuka lapho , waya emikhawulweni yaseTire . Wangena endlini , akathanda ukwaziwa muntu, kodwa wayengenakufihlakala. 25 Kwathi masinyane owesifazane ondodakazi yakhe encane i nomoya ongcolileyo esezwile ngaye, weza waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe. 26 Kepha owesifazane lo wayengumGreki engumSirofenike ngokuzalwa , wamnxusa ukuba akhiphe idemoni endodakazini yakhe. 27 UJesu wayesethi kuye : Ake kusuthe abantwana kuqala , ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni. 28 Kodwa waphendula , wathi kuye : Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula. 29 Wayesethi kuye : Ngenxa yalelo zwi , hamba-ke; idemoni seliphumile endodakazini yakho. 30 Wayesemuka, waya endlini yakhe , wafumana umntwana elele embhedeni , idemoni liphumile. Isithulu esinamalimi siyaphiliswa (Math. 15:29) 31 UJesu waphuma futhi emikhawulweni yaseTire , wadabula iSidoni , weza ngaselwandle lwaseGalile edabula izwe laseDekapholi. 32 Baletha kuye isithulu esinamalimi , bamncenga ukuba abeke isandla phezu kwaso. 33 Wagudluka naso esixukwini bebodwa , wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, waphatha ulimi lwaso, 34 wabheka ngasezulwini , wabubula, wathi kuso : Efatha! okungukuthi: Vuleka! 35 Zase zivuleka izindlebe zaso , wathukuluka masinyane umthambo wolimi lwaso, sakhuluma kahle. 36 Wabayala ukuba bangatsheli muntu . Kepha kwathi nakuba ebayala kakhulu, kwayikhona bekwandisa kakhulu impela. 37 Bamangala nokumangala , bathi: Wenze kahle konke ; nezithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.