Skip to Content

NgokukaMarku Chapter 2

1 Wabuye wangena eKapernawume emva kwezins uku ezithile ; kwezwakala ukuthi usendlini. 2 Kwase kubuthana abaningi , akwabe kusabakho ndawo nangasemnyango ; wakhuluma izwi kubo. 3 Beza kuye bethwele umuntu ofe uhlangothi, ephethwe ngabantu abane. 4 Bengenakusondela kuye ngenxa yesixuku baqaqa uphahla laph o ekhona , bathi sebebhobozile behlisa uhlaka alele kulo ofe uhlangothi. 5 UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi : Ndodana, uthethelelwe izono zakho. 6 Kepha kwakukhona ababhali abathile behlezi khona, bezindla ezinhliziyweni zabo ngokuthi: 7 Lo ukhulumelani kanje na? Uyahlambalaza. Ngubani ongathethelela izono, kungeyena uNkulunkulu yedwa na? 8 UJesu ekwazi masinyane emoyeni wakhe ukuthi bazindla kanjalo phakathi kwabo, wathi kubo: Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na? 9 Yikuphi okulula ukuth i kofe uhlangothi : U thethelelwe izono zakho , noma ukuthi: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uhambe, na? 10 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono -- wathi kofe uhlangothi -- 11 ngithi kuwe: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho. 12 Wayesevuka, wathatha masinyane uhlaka lwakhe, waphuma phambi kwabo bonke, baze bamangala bonke, bamdumisa uNkulunkulu , bathi: Asizange sikubone okunje. 13 Waphuma futhi , waya ngaselwandle ; isixuku sonke sabantu seza kuye , wabafundisa. 14 Wathi edlula, wambona uLevi ka-Alfewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: Ngilandele. Wasuka-ke, wamlandela. 15 Kwathi ehlezi ekudleni endlini yakhe , abathelisi abaningi nezoni bahlala noJesu nabafundi bakhe; ngokuba babe baningi, bamlandela. 16 Khona aba bhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na? 17 UJesu ekuzwa lokho wathi kubo : Abaphilileyo abadingi inyanga , ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni. Ukuzila ukudla (Math. 9:14; 12:1; Luk. 5:33) 18 Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla ; beza bathi kuye : Yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla , kodwa abafundi bakho bangazili na? 19 UJesu wathi kubo : Abayeni bangazila yini, umyeni esenabo na? Bese naye umyeni bangezile. 20 Kodwa zizakufika izinsuku , lapho umyeni ezakususwa kubo ; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku. 21 Akakho othungela isiziba esingakashukeki engutsheni endala , funa okusha okubekelwayo kuklebhule kwendala, kwande ukuklebhuka. 22 Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala , funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha. UJesu uchachisa umyalelo wesabatha (Math. 12:1; Luk. 6:1) 23 Kwathi edabu la amasimu ngesabatha , abafundi bakhe baqala ukukha izikhwebu behamba. 24 Base bethi kuye abaFarisi : Bheka, bakwenzelani ngesabatha okungavunyelwe na? 25 Wathi kubo : Anizange nifunde yini akwenzayo uDavide mhla eswele , elambile yena nababe naye 26 ukuthi w angena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu , ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na? 27 Wayesethi kubo : Isabatha lenzelwa umuntu , umuntu akenzelwanga isabatha. 28 Ngokunjalo iNdodana yomuntu iyinkosi neyesabatha.