Skip to Content

NgokukaMarku Chapter 16

1 Selidlulile isabatha , oMariya Magd alena, noMariya unina kaJakobe , noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe. 2 Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki beza ethuneni ekuphumeni kwelanga. 3 Bakhuluma bodwa, bathi: Ngubani oyakusigingqela itshe, lisuke emnyango wethuna na? 4 Bathi ukubheka , babona ukuthi itshe seligingqiwe ; ngokuba lalilikhulu kakhulu. 5 Kuthe bengena ethuneni , babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; bethuka. 6 Kepha yathi kubo : Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; uvukile; kakho lapha ; bhekani nansi indawo lapho bebembeke khona. 7 Kodwa hambani nitshele abafundi bakhe kanye noPetru ukuthi uyanandulela ukuya eGalile; nizakumbona lapho, njengalokho eshilo kini. 8 Base bephuma, babaleka ethuneni, ngokuba babefikelwe ngukuthu thumela nokumangala, kabashongo lutho kumuntu, ngokuba babesaba. Ukuzibonakalisa kukaJesu emva kokuvuka kwakhe nokukhuphukela kwakhe ezulwini 9 Esevukile, kusekuseni ngosuku lokuqala lweviki , wabonakala kuqala kuMariya Magdalena ayekhiphe kuye amademoni ayisikhombisa. 10 Yena wahamba wababikela labo ababe naye uJesu, besalila bekhala. 11 Kwathi bona sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uboniwe nguye , abaze bakholwa. 12 Emva kwalokho wabonakala ngesinye isimo kwababili kubo behamba beya emaphandleni. 13 Nabo bahamba babikela abanye; nalabo abaze bakholwa. 14 Ngasemuva wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni , wabasola ngokungakholwa kwabo nangobulukhuni benhliziyo yabo , ngokuba bengakholwanga yilabo abambonileyo esevukile. 15 Wayesethi kubo: Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo. 16 Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa , kepha ongakholwayo uyakulahlwa. 17 Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo : ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha, 18 baphathe izinyoka ; uma bephuza okubulalayo , akusoze kwaba nangozi ; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde. 19 Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini , yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu. 20 Kepha bona bephuma bashumayela ezindawe ni zonke , iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo.