Skip to Content

NgokukaJohane Chapter 16

1 Lokho ngikukhulume kini ukuba ningakhubeki. 2 Bayakunikhipha emasinagogeni , yebo, siyeza isikhathi sokub a lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu. 3 Lokhu-ke bayakukwenza ngokuba bengamazanga uBaba nami; 4 kepha lokho ngikukhulume kini , ukuze kuthi , nxa kufika leso sikhathi , nikhumbule ukuthi nganitshela khona; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani. Umsebenzi kaMoya oNgcwele 5 Manje ngiyamuka, ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuza ukuthi : Uya ngaphi na? 6 Kepha ngokuba ngikhulume lokho kini, inhliziyo yenu igcwele usizi. 7 Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki , uMduduzi kayikuza kini ; kepha uma ngimuka , ngiyakumthumela kini. 8 Lapho esefikile yena , uyakuqondisa izwe ngesono , nangokulunga, nangokwahlulela: 9 ngesono, ngokuba bengakholwa yimi; 10 ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona; 11 ngokwahlulela, ngokuba umbusi waleli zwe wahlulelwe. 12 Ngise nokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje. 13 Kepha nxa esefikile yena , uMoya weqiniso , uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe , kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. 14 Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona. 15 Konke uBaba anakho kungokwami ; ngalokho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele. Ukumuka nokubuya kukaJesu 16 Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba. 17 Ngakho abanye kubo abafundi bakhe base bekhuluma bodwa, bethi: Kuyini lokho akushoyo kithi ukuthi: Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona , kubuye kube yisikhashana ningibone, nokuthi: Ngokuba ngiya kuBaba, na? 18 Bathi: Kuyini lokho akushoyo ukuthi: Yisikhashana, na? Asazi ukuba uthini. 19 UJesu wazi ukuthi bebethanda ukumbuza , wathi kubo : Niyabuzana ngalokho engikushiloyo ukuthi : Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona kubuye kube yisikhashana ningibone, na? 20 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Niyakukhala nilile nina , kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza. 21 Owesifazane, nxa esabeletha , ulusizi, ngokuba sifik ile isikhathi sakhe ; kepha nxa esembelethile umntwana , akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni. 22 Nani-ke nilusizi manje , kepha ngiyakubuye nginibone , inhliziyo yenu ithokoze; intokozo yenu akakho onganamuka yona. 23 Ngalolo suku aniyikubuza lutho kimi . Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona. 24 Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami . Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale. 25 Ngikhulume lokho kini ngemifanekiso ; isikhathi siyeza , lapho ngingasayikukhuluma ngemifanekiso ; kodwa ngiyakunitshela ngoBaba ngokusobala. 26 Ngalelo langa niyakucela egameni lami; angisho kini ukuthi ngiyakunicelela mina kuBaba; 27 ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngavela kuNkulunkulu. 28 Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba. 29 Abafundi bakhe bathi kuye : Bheka, manje usukhuluma ngokusobala , awusakhulumi mfanekiso. 30 Kalokhu siyazi ukuthi waz i konke , awudingi ukuba umuntu akubuze ; ngalokho siyakholwa ukuba wavela kuNkulunkulu. 31 UJesu waphendula wathi: Seniyakholwa manje na? 32 Bhekani, isikhathi siyeza , yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke , yilowo nalowo aye kokwakhe , ningishiye ngingedwa ; nokho angingedwa , lokhu uBaba unami. 33 Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi . Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.