Skip to Content

NgokukaJohane Chapter 10

1 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu , kodwa ekhwela ngenye indawo, lowo uyisela nomphangi. 2 Kepha ongena ngesango ungumalusi wezimvu. 3 Umlindisango uyamvulela lowo ; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe ; ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle. 4 Nxa esezikhiphile ezakhe zonke, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba zilazi izwi lakhe. 5 Kepha umfokazi azisoze zamlandela , kodwa ziyakumbalekela , ngokuba zingalazi izwi labafokazi. 6 UJesu washo lo mfanekiso kubo ; kepha bona abezwisisanga ukuba kuyini lokho akukhuluma kubo. 7 Ngakho-ke uJesu wabuye wathi kubo : Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Mina ngiyisango lezimvu. 8 Bonke abafike ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi , kepha izimvu azibezwanga. 9 Mina ngiyisango ; uma umuntu engena ngami , uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo. 10 Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa ; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime. 11 Ngingumalusi omuhle . Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. 12 Okhokhelwayo engesiye umalusi , izimvu zingesizo ezakhe , ebona impisi iza, ushiya izimvu, abaleke -- impisi izibhozomele, izihlakaze -- 13 ngokuba engokhokhelwayo, engazinakekeli izimvu. 14 Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi, 15 njengalokhu uBaba uyangazi , nami ngiyamazi uBaba ; ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu. 16 Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya ; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye. 17 Ngalokho uBaba uyangithand a, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthabathe. 18 Akakho ongangamuka ukuphila kwami , kodwa ngikudela ngokwami ; nginamandla okukudela , nginamandla okubuye ngikuthabathe . Lo myalo ngiwamukele kuBaba. 19 Kwaba khona futhi ukwahlukana phakathi kwabaJuda ngalawo mazwi. 20 Abaningi kubo bathi: Unedemoni, uyahlanya; nimlalelelani na? 21 Abanye bathi: Lawo mazwi akusiwo awomuntu onedemoni; imbala idemoni lingavula amehlo ezimpumputhe na? UJesu unguMesiya 22 Khona kwakungumkhosi wokuhlanjululwa kwethem peli eJerusalema , kusebusika. 23 UJesu wayehamba ethempelini emphemeni kaSolomoni. 24 Base bemhaqa abaJuda bethi kuye : Koze kube nini ulibazisa izinhliziyo zethu na? Uma wena unguKristu, sitshele ngokuchachileyo. 25 UJesu wabaphendula wathi: Nganitshela, kodwa anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami. 26 Kodwa nina anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami. 27 Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela; 28 ngizinika ukuphila okuphakade , azisoze zabhubha na phakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami. 29 UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke ; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. 30 Mina noBaba simunye. 31 AbaJuda base bebuye bethatha amatshe ukuba bamkhande. 32 UJesu wabaphendula wathi : Nginitshengise im isebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na? 33 Bamphendula abaJuda , bathi: Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle kepha ngenxa yokuhlambalaza , ngokuba wena ungumuntu ozenza uNkulunkulu. 34 UJesu wabaphendula wathi: Akulotshiwe yini emthethweni wakini ukuthi : Ngithe: Ningonkulunkulu, na? 35 Uma wathi bangonkulunkulu bona eleza kubo izwi likaNkulunkulu -- nombhalo ungeqiwe -- 36 nithi ngaye uYise amahlukanisileyo , wamthumela ezweni , ukuba uyahlambalaza, ngokuba ngithe: NgiyiNdodana kaNkulunkulu, na? 37 Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi. 38 Kepha uma ngiyenza , nakuba ningakholwa yimi , kholwani yimisebenzi , ukuze nazi, niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuBaba. 39 Base befuna futhi ukumbamba, kepha waphunyuka esandleni sabo. 40 Waphinda wamuka , waya phesheya kweJordani kuleyo ndawo lapho uJohane waqala ukubhapathiza khona, wahlala lapho. 41 Nabaningi beza kuye , bathi: UJohane nempela akenzanga sibonakaliso nasinye, kepha konke uJohane akusho ngalowo muntu kwakuqinisile. 42 Abaningi bakholwa nguye lapho.