IzEnzo Chapter 24
1
Emva kwezinsuku eziyisihlanu umpristi omkhulu u-Ananiya wewuka kanye namalunga athile nommeli othile uTertulu ; laba bammangalela uPawulu kumbusi.
2
Yena esebiziwe, uTertulu waqala ukumbeka icala, ethi: Lokho ukuthi ngenxa yakho sitholile ukuthula okukhulu nangokubonelela kwakho lesi sizwe senzelwe okuhle okuningi
3
siyakwamukela ngezikhathi zonke nasezindaweni zonke ngokubonga okukhulu, Feliksi odumileyo.
4
Kepha ukuba ngingakubambezeli, ngiyakuncenga ukuba ngobumnene bakho usizwe ngokufushane.
5
Ngokuba le ndoda siyifumene iyishinga ivusa ukwambuka phakathi kwabaJuda ezweni lonke, iyinhloko yehlelo lamaNazaretha,
6
yalinga nokungcolisa ithempeli ; sayibamba, sathanda ukuyahlulela ngomthetho wakithi.
7
Kepha kwafika uLisiya induna yenkulungwane , wamthatha ngendluzula enkulu ezandleni zethu,
8
eyala abambeka icala ukub a beze kuwe , ukuze umbuzisise wena uqobo , uzwe ngakho konke esimmangalela ngakho.
9
NabaJuda bakuvuma lokho, bathi kunjalo.
10
Umbusi esemqhwebile ukuba akhulume , uPawulu waphendula wathi : Lokhu ngiyazi ukuthi sekuyiminyaka eminingi ungumahluleli kulesi sizw e, ngiyaziphendulela ngesibindi;
11
futhi ungaqonda ukuthi akungaphezu kwezinsuku eziyishumi nambili ngikhuphukile ukuyokhuleka eJerusalema;
12
abangifumananga ngiphikisana namuntu , nakuba ngivusa isiphithiphithi esixukwini, nasethempelini, nasemasinagogeni, nasemzini,
13
futhi bangekuqinise kuwe lokhu abangibeka icala ngakho manje.
14
Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba , ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi;
15
nginethemba kuNkulunkulu abalibheka nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.
16
Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.
17
Kwathi emva kweminyaka eminingi ngafik a ukuletha izipho esizweni sakithi neminikelo,
18
okuthe ngikulokho bangifumana ethempelini ngihlanjululiwe , kungekho isixuku nomsindo,
19
abaJuda abathile base-Asiya ababefanele ukuvela phambi kwakho , bangimangalele, uma benotho ngami.
20
Nokuba mabasho lab a ukuthi bafumanani okungalungile mhla ngimi phambi komphakathi,
21
ngaphandle kwalelo zwi elilodwa engalimemeza ngimi phakathi kwabo lokuthi: Ngokuvuka kwabafileyo mina ngimangalelwa yinina namuhla.
22
Kepha uFeliksi ekwazi ngokuchachileyo okwaleyo Ndlela wabahlehlisa ethi: Lapho uLisiya induna yenkulungwane esewukile , ngizakuyinquma indaba yenu,
23
wayala induna yekhulu ukuba agcinwe , kepha abe nenkululeko , kunganqatshelwa muntu wakubo ukumkhonza. UPawulu ushumayela kuFeliksi ngoKristu
24
Kepha emva kwezi nsuku ezithile wafika uFeliksi noDrusila umkakhe owayengumJudakazi, wabiza uPawulu , wamuzwa ngokukholwa nguKristu Jesu.
25
Esakhuluma ngokulunga, nangokuzithiba, nangokwahlulela okuzayo , uFeliksi washaywa luvalo, waphendula wathi: Okwamanje hamba; kepha nxa ngithola isikhathi, ngizakukubiza,
26
wethemba futhi ukuthi uzakunikwa imali nguPawulu ; ngalokho wayehleze embiza, ekhuluma naye.
27
Kepha sekuphelile iminyaka emibili, uFeliksi walandelwa nguPorkiyu Festu; kodwa uFeliksi efuna ukubongwa ngabaJuda washiya uPawulu eboshiwe.