IsiHlabelelo seziHlabelelo Chapter 8
1
Sengathi nga unjengomfoweth u owancela amabele kamame ! Uma bengikufumana phandle, bengiyakukwanga ngingadelelwa muntu.
2
Bengiyakukuhola, ngikuyise endlini kamame ; ubuyakungifundisa; bengiyakukuphuzisa iwayini eliyolisiweyo, amanzi ompomegranati wami.
3
Isandla sakhe sokhohl o besiyakubaphansi kwekhanda lami , nesokunene sakhe besiyakungigona.
4
Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema , ukuba ningalunyakazisi , ningaluvusi uthando, lungakavumi. Abangane:
5
Ngubani owenyuka ehlane encike kothandiweyo wakhe na? Umakoti: Phansi komapula ngakuvusa ; lapho unyoko wayenemihelo ngawe , khona lapho wayenemihelo owakuzalayo.
6
Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho , njengophawu engalweni yakho , ngokuba uthando lunamand la njengokufa; isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo; amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi likaJehova.
7
Amanzi amaningi awanakulucima uthando, nemifula ayinakuluminzisa; uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando , nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa. Umakoti nabafowabo Abangane:
8
Sinodadewethu omncane, kanawo amabele; siyakwenza njani ngodadewethu ecelwa na?
9
Uma elugange, siyakwakha phezu kwakhe umbhoshongwana wesiliva ; uma eyisicabha, siyakumvalela ngamapulangwe omsedari. Umakoti:
10
Ngilugange, namabele ami anjengemibhoshongo; khona ngaba semehlweni akhe njengofumene ukuthula. Ingcebo enkulu kunekaSolomoni
11
USolomoni wayenesivini eBali Hamoni ; wasinika isivini kubaphathi ; baletha, kwaba yilowo nalowo , izinhlamvu eziyinkulungwane ze siliva ngezithelo zaso.
12
Isivini esingesami siphambi kwami ; inkulungwane mayibe ngeyakho , Solomoni, namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso. Umyeni nomakoti bayabizana Umnyeni:
13
Wena ohlala emasimini, abangane balalela izwi lakho; ake ungizwise lona. Umakoti:
14
Shesha, othandiweyo wami , ufane nensephe nesixhumo sendluzel e ezintabeni zamakha.