IsiHlabelelo seziHlabelelo Chapter 6
1
Othandiweyo wakho uyephi , wena muhlekazi phakathi kwabesifazane ; ushonephi othandiweyo wakho ukuba simfune kanye nawe na?
2
Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe , ezindimeni zamakha , ukuba aluse ensimini, akhe iminduze. Umakoti:
3
Mina ngingowothandiweyo wami , nothandiweyo wami ungowami , lapho alusa phakathi kweminduze. Umyeni ubabaza umakoti wakhe
4
Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umnandi njengeJerusalema, kepha wesabeka njengezimpi.
5
Susa amehlo akho kimi , ngokuba ayangiphaphathekisa; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi owehla entabeni yakwaGileyadi.
6
Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukaz i ezikhuphuka zigeziwe , zinamawele zonke, kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.
7
Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati emva kwemvakazi yakho.
8
Amakhosikazi angamashumi ayisithupha , nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili, nezintombi azinakubalwa.
9
Kepha ijuba lami , opheleleyo wami munye nje ; ungoyedwa kunina , ungokhethiweyo wakhe owamzalayo. Amantombazana ayamb ona, athi ubusisiwe; amakhosikazi nezancinza bayamdumisa. Abangane:
10
Ngubani lo olunguza njengokusa , emuhle njengenyanga , ecwebile njengelanga, kepha esabeka njengezimpi, na? Umnyeni:
11
Ngehlela ensimini yamantongomane ukuyobona uhlaza lwesigodi , nokubona uma imivini iqhakazile, namapomegranati uma ekhahlele.
12
Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibek a enqoleni yabantu benkosana yami. Abangane:
13
Phenduka, phenduka, mShulamiti! Phenduka, phenduka ukuba sikubuke! Umnyeni: Nibonani kumShulamiti? Kunjengokusina kwaseMahanayimi.