IsAmbulo Chapter 15
1
Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini esikhulu nesimangalisayo : izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba kwapheleliswa ngazo ulaka lukaNkulunkulu.
2
Ngabona kungathi ulwandle lwengilazi luxubene no mlilo, nabavela ekunqobeni isilo nomfanekiso waso nesibalo segama laso bemi ngaselwandle lwengilazi, benamahabhu kaNkulunkulu.
3
Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho , Nkosi Nkulunkulu , Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe;
4
ngubani ongayikwesaba, Nkosi, adumise igama lakho , na? Ngokuba wena wedwa ungcwele , nezizwe zonke ziyakuz a zikhuleke phambi kwakho , ngokuba izenzo zakho zokulunga zibonakalisiwe.
5
Emva kwalokho ngabona , kwase kuvulwa ithempeli letabernakele lobufakazi ezulwini,
6
kwaphuma ethempelini izingelosi eziyisikhombisa ezinezinhlupho eziyisikhombisa, zembethe ingubo yelineni ehlanzekileyo nekhazimulayo , zizibophe ezifubeni ngamabhande egolide.
7
Esinye sezidalwa ezine sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha zegolide , zigcwele ulaka lukaNkulunkulu ophilayo kuze kube phakade naphakade.
8
Ithempeli lagcwala umusi ovela ekukhazimuleni kukaNkulunkulu nasemandleni akhe ; akakho owayengangena ethempelini, zingakapheleli izinhlupho eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.