AmaHubo Chapter 81
1
Halalisani uNkulunkul u amandla ethu , nimemeze ngokujabula kuNkulunkulu kaJakobe.
2
Hlabani ihubo, nithathe isigubhu nehabhu elihle nogubhu.
3
Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyang a nasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.
4
Ngokuba kuyisimiso kwa-Israyeli nomthetho kaNkulunkulu kaJakobe.
5
Kungubufakazi abumisayo kwaJosefa mhla ephuma ezweni laseGibithe . Ngizwa ulimi ebengingalwazi luthi:
6
Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni , izandla zakhe zakhululeka eqomeni lokuthwala.
7
Wakhuleka usosizini , ngakukhulula; ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma, ngakuvivinya ngasemanzini aseMeriba. Sela
8
Zwanini, bantu bami , ngizakufakaza kini ukuthi : O Israyeli , sengathi ungangilalela!
9
Makungabikho kuwe unkulunkulu omunye , ungakhuleki kunkulunkulu wabezizwe.
10
Mina nginguJehova uNku lunkulu wakh o owakukhuphula ezweni laseGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.
11
Kepha abantu bami abalalelanga izwi lami, u-Israyeli akanginakanga.
12
Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yab o ukuba bahambe ngokuthanda kwabo.
13
Sengathi abantu bami bangangizwa, u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.
14
Bengiyakuthobisa masinyane izitha zabo , ngiselulele isandla sami kwabamelene nabo.
15
Abazondi bakaJehova bebeyakuzithobela kuye , kepha isikhathi sabantu bami besiyakuba khona kuze kube phakade.
16
Ubeyakubapha ukolweni omuhle ; yebo, bengiyakubasuthisa ngezinyosi zasesiweni.