Skip to Content

AmaHubo Chapter 34

1 Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke ; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo. 2 Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova ; abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule. 3 Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye. 4 Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami. 5 Babheka kuye phezulu, bakhanya; ubuso babo abusoze bajabha. 6 Nasi isihlupheki esakhala , uJehova wezwa , wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso. 7 Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule. 8 Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle ; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye. 9 Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe , ngokuba abasweli lutho abamesabayo. 10 Amabhongo ezingonyama ayaswela , alambe, kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. 11 Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova. 12 Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na? 13 Londa ulimi lwakho kokubi , nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. 14 Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge. 15 Amehlo kaJehova akubo abalungileyo ; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo. 16 Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okub i ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. 17 Labo bayakhala, uJehova uyezwa; uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo. 18 UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo ; uyabasindisa abanomoya odabukileyo. 19 Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke. 20 Uyawagcina onke amathambo akhe; alaphulwa nelilodwa kuwo. 21 Okubi kuyakumbulala omubi; abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala. 22 UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakh e; akakho kwabamethembayo oyakuba necala.