Skip to Content

AmaHubo Chapter 125

1 Abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSiyoni engenakunyakaziswa kepha imi phakade. 2 Njengalokhu izintaba zihaqa iJerusalema , kanjalo uJehova uhaqa abantu bakhe kalokhu kuze kube phakade. 3 Ngokuba intonga yababi ayinakuhlala phezu kwesabelo sabalungileyo, funa abalungileyo belulele izandla zabo kokubi. 4 Jehova, yenza okuhle kubo abalungileyo nabaqotho ezinhliziyweni zabo. 5 Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensong e uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka - Israyeli.