Skip to Content

AmaHubo Chapter 123

1 Ngiyaphakamisela kuwe amehlo ami, wena ohlezi ezulwini. 2 Bheka, njengamehlo ezinceku ekuzo izandla zamakhosi azo , namehlo encekukazi ekuso isandla senkosikazi yayo , kanjalo amehlo ethu akuye uJehova uNkulunkulu wethu, aze abe nomusa kithi. 3 Sihawukele, Jehova sihawukele, ngokuba sesidiniwe kakhulu ngukudelelwa. 4 Umphefumulo wethu udiniwe kakhul u ngukweyisa kwabaziqhenyayo nokudelela kwabazidlayo.