Skip to Content

AmaHubo Chapter 114

1 Kwathi ukuba u-Israyeli aphume eGibithe, indlu kaJakobe kubantu bolunye ulimi, 2 khona uJuda waba yindlu yakhe engcwele, u-Israyeli waba ngumbuso wakhe. 3 Ulwandle lwakubona, lwabaleka, iJordani labuyiselwa emuva. 4 Izintaba zatshekula njengezinqama, amagquma njengamawundlu. 5 Unani wena lulwandle ukuba ubaleke , nawe Jordani ukuba ubuyiselwe emuva, 6 nani zintaba ukuba nitshekule njengezinqama , nani magquma eninjengamawundlu, na? 7 Thuthumela, mhlaba, ebusweni beNkosi , ebusweni bukaNkulunkulu kaJakobe, 8 yena ophendula idwala libe yichibi lamanzi , insengetsha ibe ngumthombo wamanzi.