AbAhluleli Chapter 1
1
Kwathi emva kokufa kukaJoshuwa aban twana bakwa -Israyeli bambuza uJehova, bathi: Ngubani phakathi kwethu oyakusikhuphukelela kuwo amaKhanani kuqala ukulwa nawo na?
2
UJehova wathi: Kuyakukhuphuka uJuda; bheka, ngilinikele izwe esandleni sakhe.
3
UJuda wayesethi kuSimeyoni umfowabo : Khuphuka nami, siye esabelweni sami, silwe namaKhanani , nami ngiye esabelweni sakho . USimeyoni wayesehamba naye.
4
UJuda wakhuphuka ; uJehova wanikela esandleni sabo amaKhanani namaPherizi, babulala kuwo abantu abayizinkulungwane eziyishumi eBezeki.
5
EBezeki bafumana u -Adoni Bezeki , balwa naye , bawabulala amaKhanani namaPherizi.
6
Kepha u -Adoni Bezeki wabaleka ; bamxosha, bambamba, bamnquma izithupha nawoqukula.
7
Wayesethi u -Adoni Bezeki : Amakhosi angamashumi ayisikhombisa enqunyiwe izithupha nawoqukula acosha ukudla kwa wo phansi kwetafula lami; njengalokho ngenzile, kanjalo uNkulunkulu uphindisele kimi . Bamyisa eJerusalema, wafela khona.
8
Abantwana bakwaJuda balwa neJerusalema , balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, bathungela umuzi ngomlilo.
9
Ngasemuva behla abantwana bakwaJuda ukuba balwe namaKhanani ayakhe ezintabeni, nangaseningizimu, nasenzansi.
10
UJuda wayesehlasela amaKhanani ayakhe eHebroni igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi.
11
Wasuka lapho, waya kwabakhe eDebiri; igama leDebiri laliyiKiriyati Seferi kuqala.
12
UKalebi wathi : Onqoba iKiriyati Seferi , alithathe, yena ngiyakumnika u - Akisa indodakazi yami abe ngumkakhe.
13
U-Otheniyeli indodana kaKenazi , umnawe kaKalebi , walithatha; wayesemnika u-Akisa indodakazi yakhe abe ngumkakhe.
14
Kwathi ekufikeni kwakhe wamnxusa ukuba acele insimu kuyise ; wehla embongolweni yakhe; uKalebi wathi kuye: Ukhala ngani?
15
Wathi kuye : Ngiphe isipho ; lokhu unginike izwe laseningizimu ngiphe nemithombo yamanzi. UKalebi wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.
16
Abantwana bomKheni umukhwe kaMose benyuka emzini wamasundu nabantwana bakwaJuda , baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwase - Aradi; baya bakha nabantu bakhona.
17
UJuda wahamba noSimeyoni umfowabo , bachitha amaKhanan i ayakhe eSefati, baliqothula. Igama lomuzi laliyiHorma.
18
UJuda wathatha iGaza nomkhawulo walo , ne-Ashikeloni nomkhawulo walo, ne-Ekroni nomkhawulo walo.
19
UJehova wayenaye uJuda , waxosha abasezintabeni ; wayengenakuxosha kodwa abakhe esigodini, lokhu bebenezinqola zensimbi.
20
Bamnika uKalebi iHebroni , njengalokho ebekhulumile uMose ; waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.
21
Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.
22
Kwenyukela eBethele nabendlu kaJosefa; uJehova wayenabo.
23
Abendlu kaJosefa bathuma bahlola iBethele ; igama lomuzi laliyiLuze kuqala.
24
Zase zibona izinhloli umuntu ephuma emzini , zathi kuye: Ake usikhombise intuba yokungena emzini, siyakukwenzela umusa.
25
Wazikhombisa intuba yokungena emzini , zawuchitha umuzi ngosiko lwenkemba; kepha zamvumela lowo muntu nomndeni wakhe ukuba bahambe.
26
Lowo muntu wayesengena ezweni lamaHeti , wakha umuzi , waqamba igama lawo ngokuthi iLuze okuyigama lawo kuze kube namuhla.
27
UManase akaxoshanga abaseBeti Sheyani nemizana yalo, nabaseThahanaki nemizana yalo , nabakhe eDori nemizana yalo , nabakhe eJibileyamu nemizana yalo , nabakhe eMegido nemizana yalo ; amaKhanani aphumelela ukuhlala kulelo zwe.
28
Kwathi u-Israyeli esenamandla , bawasebenzisa amaKhanani , kepha abawaxoshanga nokuwaxosha.
29
Naye u -Efrayimi akaxoshanga amaKhanani ayakhe eGezeri ; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo eGezeri.
30
UZebuloni akaxoshanga abakhe eKitroni , nabakhe eNahaloli ; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo, asetshenziswa.
31
U-Asheri akaxoshanga abakhe e -Ako, nabakhe eSidoni , nase-Ahlabi, nase- Akizibi, naseHelba, nase-Afiki, naseRehobe;
32
kepha ama-Asheri ahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo zwe , ngokuba abawaxoshanga.
33
UNafetali akaxoshanga abakhe eBeti Shemeshi nabakhe eBeti Anati , kepha wahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo zwe ; kodwa abakhe eBeti Shemeshi naseBeti Anati basetshenziswa yibo.
34
Ama-Amori adudulela abantwana bakwaDani ezintabeni , ngokuba awabavumelanga ukwehlela esigodini.
35
Kepha ama-Amori aphumelela ukuhlala entabeni yaseHeresi , nase-Ajaloni, naseShahalabimi; kodwa isandla sendlu kaJosefa sahlula, aze asetshenziswa.
36
Umkhawulo wama-Amori wasukela ekwenyukeni kwe -Akarabimi naseSela, waya ngenhla njalo.