Skip to Content

2 kwabaseThesalonika Chapter 3

1 Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi likhawuleze , lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini, 2 nokuba sikhululwe kuban tu abadukileyo nababi ; ngokuba ukukholwa akusikho okwabo bonke. 3 Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi. 4 Siyethemba eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakwenza nokuthi nizakukwenza. 5 Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu. 6 Kodwa siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi uJesu Kristu ukuba nizahlukanise nabazalwane bonke abahamba ngokungafanele , bengahambi ngomyalo eniwamukele kithina. 7 Ngokuba nani niyazi ngokwenu ukuthi kufanele ukuba nisilingise kanjani , ngokuba asihambanga ngokungafanele phakathi kwenu, 8 asidlanga sinkwa samuntu ngesihle , kodwa sadla ngokukhandleka nangokukhathazeka, sisebenza ubusuku nemini ukuba singasindi muntu kini, 9 kungengokuba singenalo ilungelo, kodwa ukuze sizinikele sibe yisibonelo kini sokuba nisilingise. 10 Ngokuba nalapho sisekini , saniyala ngalokhu ukuthi : Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli. 11 Ngokuba sizwa ukuthi abanye phakathi kwenu bahamba ngokungafanele , bengasebenzi lutho, kepha benza okuyize nje; 12 abanjalo siyabayala sibaluleka eNkosini uJesu Kristu ukuba basebenze ngokuthula, badle esabo isinkwa. 13 Kepha nina bazalwane, ningadinwa ngukwenza okuhle. 14 Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kule ncwadi , mphawuleni lowo , ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni; 15 kepha ningamphathisi okwesitha, kodwa mlulekeni njengomzalwane. 16 Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke. Isigcino 17 Ngiyakhonza ngesa ndla sami mina Pawulu , okuluphawu ezincwadini zonke; ngiloba kanjalo. 18 Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.