Skip to Content

2 kwabaseThesalonika Chapter 1

1 OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu, uBaba wethu, naseNkosini uJesu Kristu: 2 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu. UPawulu ubonga ukuthuthuka kwevangeli phakathi kwebandla 3 Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane , njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu , nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula, 4 kuze kuthi thina ngokwethu sizincome ngani emabandleni kaNkulunkulu ngenxa yokukhuthazela kwenu nokukholwa ekuzingelweni kwenu konke nasezinhluphekweni enibekezela kuzo, 5 okuyisiboniso sokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu , ukuze kuthiwe ningabalungele umbuso kaNkulunkulu enihlupheka ngenxa yawo, 6 uma kambe kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo, 7 aniphe nina enihluphekayo ukuphumula kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe, 8 elangabini lomlilo , ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu, 9 abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade , basuke phambi kobuso beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe, 10 nxa efika ukuba akhazimuliswe kubo abangcwele bakhe , abe ngomangalisayo kubo bonke abakholwa ngalowo muhla, ngokuba nakholwa ngukufakaza kwethu. 11 Ngenxa yalokho siyanikhulekela njalo , ukuze uNkulunkulu wethu anenze nibe ngabafanele ukubizwa kwenu , agcwalise ngamandla konke okuhle enikuthandayo nomsebenzi wokukholwa, 12 ukuze igama leNkosi yethu uJesu likhazimuliswe kini , nani kuye , ngokomusa kaNkulunkulu wethu noweNkosi uJesu Kristu.